Kuzonandisa abaseKZN edilini lomculo e-ICC

Comment on this story
NO_khanyo maphumulo0 Ex-QDMS UKHANYO Maphumulo uzobe eshiyelana nabaculi abafana noSfiso Ncwane nabanye abaningi emcimbini wentsha e-ICC eThekwini namhlanje

FANELESIBONGE BENGU

INTSHA yaseThekwini izozitika ngedili lomculo namhlanje eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC) ngaphambi kokugubha usuku lwayo kusasa oluzobe lugujwa kuzwe lonke.

Ngaphambi kwaleli dili kuzoba nombukiso wemfashini lapho khona kuzobe kukhonjiswa ngezimpahla zabasiki abehlukene.

Umhleli we-Imbizo Gala and Cultural Festival, u-Andy Makaula weNdizani Media, uthe bafuna ukugubha usuku lwentsha ngemfashini, ukudla, imidanso nomculo esinawo nowenza isifundazwe sibumbane.

“Sifuna le festiveli ibe minyaka yonke ngoba kubalulekile ukugubha ibanga esesilihambile nenkululeko esayilwela siyintsha. Kulo mcimbi kuzobe kushawa imidanso yesintu, kukhonjiswa ngobuciko bezandla, imidlalo yeshashalazi, amahlaya, imfashini bese kulandela abaculi esiteji,” kusho uMakaula.

Uthe abaculi abazobe bekhona ngoKhanyo Maphumulo, Sfiso Ncwane, Big NUZ noZakwe.

UMakaula uthe amathikithi abiza u-R350 kanti kule mali kubalwa kuyo ukudla neziphuzo kuthi elabazobe bemile libiza u-R150. Amathikithi atholakala eComputicket

“Iminyango izovulwa ngo-5.30 ntambama kanti abantu abaphoqelekile ukuthi begqoke imvunulo kodwa abagqoke lokhu esiyikho. Asizami ukuthi sibashintshe kodwa sifuna ukujabulela esiyikho manje,” kusho yena.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.