Kuzophenywa uMthethwa ngesikhalo se-AfriForum

Comment on this story
no nathi INLSA UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Nathi Mthethwa.

UMVIKELI woMphakathi, u-Advocate Thuli Madonsela, uzophenya uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Nathi Mthethwa (osesithombeni), ngokusebenzisa budedengu amandla anikwe wona ngokwesikhundla sakhe.

Isikhulu esiphezulu se-AfriForum, uMnuz Ernst Roets, sithe lokhu sekuqinisekisiwe encwadini abanayo.

“Incwadi siyithole njengempendulo esikhalweni esisifake njenge-AfriForum ngoMthethwa ngoJanuwari. Sikhala ngendlela uMthethwa asingatha ngayo udaba lwemashi eyayilwa nokubulawa kwabalimi eyayingoDisemba 1, 2012,” kusho uRoets esitatimendeni asithumelele abezindaba.

Uthe uMthethwa wathatha leyo mashi njengengekho emthethweni yize babefeze konke okwakumele kwenziwe uma kuzokuba nemashi.

URoets uthe ngaleso sikhathi babethole incwadi yasenkantolo eNkulu yasePitoli ebavumela ukuba imashi iqhubeke.

“UNgqongqoshe wayishaya indiva incwadi yenkantolo waqhubeka nokuthatha imashi njengengekho emthethweni,” kusho uRoets.

Uqhube wathi: “Kuleyo mashi kwakungatshalwanga maphoyisa lapho kwakumashelwa khona ePitoli ukuqinisekisa ukuthi zonke izinto zihamba ngononina nababhikishi baphephile. Amaphoyisa ayekhona ethuka nje ezithela emashini, ayengajutshiwe ukuba azoqapha isimo futhi ayengazi lutho ngemashi.”

Uthe uMthethwa wazama ukunqanda ukuba le mashi ibe khona futhi nomkhulumeli wakhe uMthethwa wakucacisa ngokusobala ngesikhathi bekhuluma ocingweni ukuthi akumele balindele ukuba nomhlangano noNgqongqoshe uma kuwukuthi bafuna ukukhuluma ngemashi.

Okhulumela u-Adv Madonsela, uNksz Kgalalelo Masibi, ukuqinisekisile ukuthi u-Adv Madonsela uyalubheka lolu daba. Akazange akhiphe eminye imininingwane ngalo. – Sapa


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.