Kuzophoqwa iziboshwa ngemfundo ka-ABET

Comment on this story
no Westville Group UNKK Layekile Mazibuko ejabulela indodana yakhe uMnuz Chris Mazibuko ophume phambili ngamamaki kaMatric eshaya ozakwabo aboshwe nabo emajele akuleli. UMazibuko ubefunda |e-Usethubeni Youth Centre ejele laseWestville. Izithombe: MBALI KHANYILE

BAWINILE NGCOBO

KUSUKELA kulo nyaka sekuzoba yinto ephoqiwe ukuthi uma uboshiwe ungafikanga kwa-Grade 9, wenze izifundo ze-Adult Basic Education and Training (ABET), ukuze kube khona ophuma ejele ukwazi ukuziphilisa ngakho.

Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe woMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, uMnuz Sbusiso Ndebele, izolo ngesikhathi evula isikhungo esisha sokufunda ejele laseWestville, i-Usethubeni Youth School.

UNdebele uthe balwela ukuthi amajele aphenduke izindawo zokufunda.

“Sekuzophela ukuthi umuntu uma esejele, adle, alale kodwa umuntu usezobhekana nezincwadi,” kusho uNdebele.

Uthe bafuna ukuthi iziboshwa zifunde, zifundele imisebenzi zisebenze.

no Westville 2 UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuHlunyuleliswa kweziMilo kuleli, uMnuz Sbusiso Ndebele evula isakhiwo esisha seziboshwa eziqhuba izifundo zazo ejele laseWestville, iSethubeni Youth Centre. Group

“Inhloso yokuhlumelelisa isimilo wukuthi sihlomise iziboshwa ngamakhono ezizokwazi ukuziphilisa ngawo uma ziphuma nokuthi zikwazi ukuthi kube khona ezikwenzayo ngesikhathi zisengaphakathi. Sifuna zikwazi ukuzinakekela zona ngaphambi kokunakekela imindeni yazo,” kusho uNdebele.

Isikole i-Usethubeni yisona okuphume kuso umfundi obashaye bonke abasemajele akuleli ngemiphumela, uMnuz Chris Mazibuko waseMlazi othole o-A abahlanu.

UMazibuko ekhuluma egameni lozakwabo abefunda nabo uthe ubonga othisha babo abebenza okweqile kunomsebenzi wabo, abebengabazali kubo.

Ubonge nabo bonke ababasekayo ngayo yonke indlela nababakhombisa uthando.

Uthe isikole sabo sishoda ngothisha ogcwele weMaths wacela nakunoma ubani ongabasiza ngezinsiza zokufunda nangezimali zokuqhuba izifundo ukuthi babalekelele.

UKhomishana wamaJele kuleli, uMnuz Tom Moyane, ethe uzosiza ngokufundisa iMaths.

UMnuz Simphiwe Mngoma we-National Application Centre ufeze amaphupho kaMazibuko nabanye abathathu abasezithendeni zakhe ngamamaki ngesikhathi ememezela ukuthi bathole umfundaze ozokhokhela izifundo zabo, indawo yokuhlala, izincwadi, ukudla nanoma yini abayidingayo yesikole eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.

Laba bafundi, bazophinde banikwe ama-laptop ngamunye ukuze baqhube kahle izifundo zabo.

Abe-CAO nabe-National Youth Development Agency banike abafundi base-Youth Centre izikibha ezimhlophe abazozigqoka uma beya esikoleni ukuze bangafundi ngomfaniswano wasejele.

Unina kaMazibuko, uNkk Layekile Mazibuko, uthe kuphenduleke imikhuleko yakhe njengoba indodana yakhe izoqhubeka nezifundo zayo.

Uthe wayeyikhuthaza ukuthi ikhuleke.

“Ngibonga uNkulunkulu, ezinganeni zami ezine uyena osekukhanya kuye. Ngifisa aqhubeke angithengele umuzi nemoto. Igama lami namuhla lishintshile ngiwuJabu,” kusho uNkk Mazibuko.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.