INLSA
JAZIEL BROTHERS
‘AY’BO ngiyamthanda!! Angifuni, angifun’ ukuzwa lutho. Yebo ng’yamthanda bo!!”
Kwakuhlanya abantu uma uswahla olunguNtando selushaya le ngoma kanti nasemishadweni kwase kuyiculo elingenisa umakoti nomkhwenyana, kucaca ukuthi abantu basothandweni ngempela.
Njengoba namuhla kuwusuku lwezithandani lokuvuselela uthando, uhlelo lomculo ovutshelwe kuleli i-Afro Café izobe iqhulula izingoma zezothando zodwa.
Kulolu hlelo oludlala njalo ngoLwesihlanu ngo-9.30 ebusuku ku-SABC 2 kuzobe kumenywe abaculi bakuleli abadume ngezingoma ezigcwele umyalezo wothando, okuthi uma sebezicula kuncibilike izinhliziyo zabantu.
UNtando ungomunye umculi ozoqhulula amanoni akhe othando amenza waba yintandokazi futhi ohlanyisa kakhulu izintokazi uma ecula bukhoma kwazise ubuye azibize esiteji athi ukuzithintathinta azidlalise.
Njengoba esanda kukhipha i-albhamu ethi Izaga kulindeleke nokuthi athi chatha ezinye izingoma ezikuyo.
Ntando
Supplied
UZonke intokazi ehlanyisa abaningi kulezi zinsuku ngobunyoninco be-albhamu yayo ethi Ina Ethe naye ngeke asale ngaphandle kulolu hlelo.
Le ntokazi egabisa ngephimbo elipholile elilolongelwe ukushaya wonke amanothi kalula, kulolu hlelo izocula ngokuhlanganyela nesilomo esidume ngokudansa kuncanywe osisi, uTheo Kgosinkwe.
UTheo usevele uzakhele udumo ngokucula emicimbini efana neyokugubha usuku lwezithandani noma usuku lwabesifazane kuleli.
Ne-Jaziel Brothers ngeke isale kulolu hlelo ngoba nayo ishaya izingoma zothando kuthule umoya.
Abanye abaculi abazovezwa kulolu hlelo ngoMalik, Freshlyground, Robbie Malinga noKelly Khumalo.
Abadidiyeli balolu hlelo bathi ababukeli mabazilungiselele ukuthi bazoba nobusuku obupholile obumtoti obufanele izithandani ezisothandweni oluvutha amalangabi.
ZONKE NO-THEO KGOSINKWE
INSLA
Bathi izithandani kufanele zikhiphe ama-champagne, strawberries, okhilimu, badime nezibani uma sebebukela lolu hlelo. - INTATHELI YESOLEZWE
|
|
Services