INLSA
UTHOBEKILE Mkhwanazi uzobe ebuza ukuthi ziphi izidudla zaseWestville
SIZWE BLOSE
UMPHAKATHI uzobe ungavumelekile kwiMagic Tour njengoba ishaya ibuya ngoLwesihlanu e-University of KwaZulu Natal, eWestville Campus.
Lokhu kudalulwe nguJulie Mbambo weMagic Communications othe abafundi bakulesi sikhungo kuzomele baphathe izigqebhezane eziqinisekisa ukuthi bangabafundi baseWestville.
“Inhloso enkulu yethu ngukulethela abafundi ubumnandi, kungagcini lapho njengoba kuzoba noLinda Ntuli noMvangeli Mafu abazobaxukuza umqondo ngezinkulumo ezakhayo,” kusho uJulie.
Unxuse abafundi ukuthi uma sebeqede ukufunda ngoLwesihlanu baphuthume ehholo lalesi sikhungo kwazise ngehora lokuqala kuyaqala ukugqugquzelwa kwabo.
Uthe kuzothi ngo-3 ntambama kuqale umcimbi ozohlanganisa nabaculi abanohlonze okungabalwa kubona uShota, L’vovo Derrango, Teargas, Bullistic & Sosha, Happy Gal, Masiya, Nzwiri, Le Soul, Thokozani Langa, Amaqhawe Ezulu, Sfiso Ncwane, Thobekile, 50/50, Abdus neNiche Fam.
Uvumile ukuthi sebebaphoxe kakhulu abafundi njengoba kade uhlezi uhlehliswa lo mcimbi kodwa wathi manje sebelungise konke nakanjani uzokwenzeka.
“Ngikhuluma nawe nje kuhlanganiswa isiteji, ngineqiniso lokuthi sizobe simile kungekudala,” kusho uJulie ogcizelele ekutheni kungenwa mahhala abafundi abeze namakhadi abo kodwa abaphuma ngaphandle bangazihluphi.
Uphethe ngokuthi ngoLwesihlanu oluzayo bazokube bese-DUT, eSteve Biko Campus.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services