GALLO IMAGES
ISITOBHA saMaZulu uBelux Kasonga uthi kumjabulisa kakhulu ukuthi bazobhekana neqembu elihlonishwayo emhlabeni iManchester United emdlalweni weMTN Football Invitational ngoJulayi 18. Isithombe: GALLO IMAGES
MINENHLE MKHIZE
ISIQONGQWANE saMaZulu uBelux Kasonga ugabe ngomphako abazowuthola uma sebedlala neManchester United njengoba ekholwa wukuthi uzobacijela imidlalo emibili enzima yesizini entsha namaqembu amakhulu aseSoweto.
La maqembu azobhekana emdlalweni weMTN Football Invitational eMoses Mabhida Stadium ngoJulayi 18 ngo-8 ebusuku.
AmaZulu azovula isizini entsha ye-Absa Premiership nezinkunzi zaseSoweto okuyiMoroka Swallows emdlalweni we-qaurter final yeMTN 8 kanjalo noweligi neKaizer Chiefs eMabhida ngo-Agasti.
Ngaphambi kwale midlalo ebalulekile Usuthu luzobhekana nesikhondlakhondla seqembu lase-England iManchester United ephethe izicoco ezingu-19 ze-English Premier League nezintathu ze-Uefa Champions League emdlalweni wobungani ngoJulayi 18 okuwusuku lokuzalwa kwalowo owayengumengameli wokuqala wentando yabantu uNelson Mandela.
“sizimisele ukufunda okuningi emdlalweni weMan U. Sidlala neqembu elihlonishwa umhlaba wonke ngakho kumele silisebenzise leli thuba ngoba alifiki njalo.
“Engingakusho ukuthi lifike kahle kwazise sivula isizini ngemidlalo enzima.
“Esizokufunda kulo mdlalo sizimisele ngokukusebenzisa emidlalweni yeligi noweMTN 8 esifuna ukuhamba ibanga elide kuyona,” kusho uKasonga ongomunye wabadlali asebehlale isikhathi eside kuMaZulu.
NgoMgqibelo Suthu luzodlala umdlalo wobungani neLamontville Golden Arrows eMoses Mabhida Outerfield ngo-11 ekuseni.
“Ngeke kube lula ukudlala neMan U yize sizokuba sidlala owubungani. Ngesizini edlule baqede bengawinanga lutho ngakho bazobe befuna ukulungiselela ukubuya ngezinkani ngesizini ezoqala. Kuzomele sizinikele ngokuphindiwe ukuze sikwazi ukufunda lukhulu kuMan U,” kusho uKasongo.
AmaRed Devils azoza kuleli engekho uWayne Rooney oyintandokazi kubalandeli bebhola emhlabeni, Ashley Young, Louis Nani noPatrice Evra. La badlali ngeke balubande kuleli ngoba bebedlala ku-Uefa Euro 2012 e-Ukraine nasePoland.
“Kule sizini kumele senze kangcono kunesikwenze ngesizini edlule. Kumele sinqobe isicoco noma esisodwa. Okunye okuba-lulekile wukuqala ngegiya eliphezulu ngoba ngesizini edlule siqale ngeliphansi kakhulu,” kusho uKasonga.
Amathikithi alo mdlalo asevele adayisa ubuthaphuthaphu kanti adayisa kusuka ku-R150 kuya ku-R350 eComputicket.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services