INTATHELI YESOLEZWE
INHLANGANO esiza abantu iGift of the Givers izonikela ngamanzi emphakathini waseXobho ibuye isize abalimi ngokudla kwemfuyo emizameni yayo yokusiza labo abakhahlanyezwe yisomiso eNingizimu Afrika.
AbeGift of the Givers baveze ukuthi baqale ukulekelela imiphakathi ekhahlanyezwe yisomiso ngo-Agasti ngonyaka odlule ngesikhathi bevakashele eNorth West lapho bafike bashumeka khona umshini wokumoma ngaphansi komhlaba eBodibe, Zeerust naseLichtenburg.
NgoNovemba baphinde basiza imindeni ewu-4 000 ngamanzi besizwa ngumnikelo kaMnuz Imraan Mahomed wenkampani iSai Group.
Isikhulu sale nkampani, uDkt Imtiaz Sooliman, uthe banohlelo oluhlukaniswe izigaba eziyisishiyagalolunye lokusiza abantu abangenamanzi.
n abantu bazonikezwa amanzi afakwe emabhodleleni.
n ukulungiswa kwengqalasizinda ekhipha amanzi ngaphansi komhlaba.
n ukumbiwa kwamanzi ngaphansi komhlaba ezindaweni ezithile.
n ukwakhiwa kwezindawo zokugcina amanzi ezikoleni, ezibhedlela nakwezinye izindawo zasemakhaya.
n ukuhambisa amanzi ngamaloli.
n ukunikela ngokudla kwezilwane.
n ukulekelela abalimi abancane ngakho konke abakudingayo, amanzi nokudla kwemfuyo.
n ukuqinisekisa ukuthi amanzi aphathwa kahle ukuze kungaqubuki izifo.
n ukusiza imiphakathi ekhahlanyezwe yisomiso ngokudla, amajusi, oncamnce bezingane, izincwadi nemifaniswano yesikole.
IGift of the Givers isiza abantu baKwaZulu-Natal, Free State, North West, Limpopo, Northern Cape, Eastern Cape naseWestern Cape.
UDkt Sooliman ugqugquzele abantu ukuba banikele balivakashele nekhasi labo kuFacebook ne-website yabo ekhelini elithi www.giftofthegivers.org.
Uthe uma umphakathi ungalekeleli izinkampani zizovalwa bese imindeni ilamba. wenze isibonelo ngenkampani eseVryheid okuwukuthi uma ingenawo amanzi imindeni ewu-700 ngeke ibe nokudla ngenxa yokuthi amalungu ayo asebenzela yona.