Kuzovela konke ngoChommie

Comment on this story
NO_no chommie.jpg0 SIYABULELA DUDA UMCULI ophinde abe ngumdansi uChommie usezoba nohlelo lwakhe la ezokhombisa khona ngempilo yakhe

NOKUBONGWA PHENYANE

EKUGCINENI abantu bakuleli sebezoyeka ukuqagela ukuthi intokazi engumculi ephinde ibe ngumdansi uChommie uphila mpiloni njengoba esezoba nohlelo oluzogeqa amagula ngempilo yakhe.

Lolu hlelo oluzoqala ukubonakala ngoSepthemba oluthi What’s Love Got To Do With It oluzoshiya abantu abaningi imibuzo yabo iphendulekile.

Yize kungakacaci namanje ukuthi lolu hlelo luzokhonjiswa kusiphi isiteshi sethelevishini kodwa uChommie owazalwa enguThuli Madihlaba (26) uyizwa ikhuluma ukuthi nakanjani ithokozile.

“Abantu bahlala bezibuza imibuzo eminingi ngami ukuthi ngithandana nobani, umndeni wami abawazi kahle nanokuthi ngiphila impilo enjani. Isikhathi sokuthi baphenduleke leyo mibuzo sesifikile manje njengoba bezobona ukuthi ngingumuntu onjani othanda ukwenzani,” kusho uChommie.

Uthe kuyimanje akusekude ukuthi baqale ukushutha lolu hlelo oluzokhombisa konke ngaye njengoba ezobe elandelwa ngamakhamera usuku lonke.

“Kuningi abantu abazokuthokozela kulolu hlelo njengoba sekusele kancane ukuthi sifinyelele emaphethelweni nesiteshi lolu hlelo oluzobonakala kuso,” kusho yena.

Uqhube wathi lokhu bekuyiphupho lakhe leminyaka ukuthi abe nohlelo lapho abantu bezokwazi konke ngaye bangagcini nje ngokuzibuza imibuzo engaphendulwa muntu.

Uthe lokhu akuqala kulolu hlelo akuzolilimaza nakancane ikusasa lakhe endimeni yomculo njengoba elinye lamaphephandaba angesonto lesiNgisi libike ukuthi umphathi wakhe u-Arthur Mafokate akeneme ngokuba khona kwalolu hlelo.

Eziphendulela u-Arthur uthe uyayijabulela le ntokazi kakhulu njengoba ikhombisa ukukhula kule ndima futhi isikwazi ukuzimela.

Sekujwayelekile ukuthi osaziwayo kuleli babe nezinhlelo la bekhombisa ngempilo yabo nendlela abaphila ngayo njengoba amawele akwaMasina uHlelo noNtando nabo bebenalo olwabo okade ludlala ku-e.tv, kanjalo noKenny Kunene noZola.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.