.
AKUYONA imoto enogazi emndenini wakwaRenault kodwa bona babonakala bengapheli amandla ngayo njengoba esikhathini esedlule bethule esebenzisa udizili
UMHLAZIYI: Ngqeshe Buthelezi
IMOTO: Renault Koleos
KUZE kube yimanje akuyona imoto ebonakala inogazi emndenini wakwaRenault kodwa lokho bona bakubona ngelinye iso njengoba esikhathini esedlule bethule eno-gearbox ozishintshayo.
I-Koleos ewuhlobo lweSports Utility Vehicle bayifakele injini engu-2.0 dCi Dynamique Premium Automatic 4x4.
Iphuma no-gearbox odonsa ngamagiya ayisithupha. Ngaphezu kwalokhu le Koleos ithembekile ngoba ifakelwe i-Intelligent all-wheel drive system ehambisana neTrajectory Control.
Kuzwakala kungamagama amakhulu adidayo kodwa kulula nje ngoba umsebenzi wayo ukusabalalisa amandla kuma-exel amasondo angaphambili nasemuva kuye ngokuthi imoto ihamba endaweni enjani nezinga lamandla ewadingayo.
Lo gearbox udonsa ngamagiya ayisithupha uwamukela kalula amagiya.
Le njini ikhiqiza amandla afinyelela ku-110kW bese kuthi i-torque yakhona ibe ngu-320Nm.
Ijubane eliphezulu kule Koleos ligcina ku-173 km/h. Ijubane eliphezulu eliyilungele le moto leli ngoba iphakeme okusho ukuthi ayakhelwe ukugijima futhi yimoto yomndeni lapho sisuke singekho kakhulu isidingo sejubane.
Injini yayo engu-4 cylinder isebenzisa u-dizili futhi iyahambisana nemigomo ebekiwe yi-Euro 5. Njengoba isebenzisa udizili iyonga kakhulu ngoba ngebanga elingu-100km idla amalitha angu-7,9 awo.
Ziningi izinto ephuma nazo eziyibeka ezingeni eliphezulu njenge-cruise control, iTOM TOM satellite navigation system kanti njengazo zonke izimoto zesimanje zakwaRenault awuwudingi ukhiye uma uyidumisa ngoba isebenzisa ikhadi.
Okunye okuphuma nayo yi-climate control ezishintshayo, izihlalo zesikhumba ongakwazi ukuthi uzifudumeze uma kubanda kanye nesihlalo somshayeli esisebenza ngogesi. Lezi kanye nokunye okuningi okuhambisana nokuphepha ngezinye zezinto ezenze iKoleos yathola ukuhlonishwa nge-five-star Euro NCAP kwezokuphepha. Zonke izinhlobo zeKoleos ziphuma ne-warranty yeminyaka emihlanu emuva kokuhamba amakhilomitha angu-150 000 kanye ne-service plan yeminyaka emihlanu ka-100 000km.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services