Kwa-Renault benze okuncomekayo nge-Scenic entsha

Comment on this story
Copy of no scene1 . IMINDENI izoyithokozela iScenic entsha ehlukene ngezigaba, okukhona kuyo ekwazi ukulayisha abantu abahlanu kanye nelayisha abagibeli abayisikhombisa. Injini endala engu 1.6 litre bayibuyisile kwa-Renault

IMOTO: Renault Scenic

SEBEPHINDE bawukhulisa umndeni wakwa-Scenic kwa Renault ngokwengeza enye ingane entsha ezalwe ngo 2012.

Ngike ngangena emishinini yabelungu sengikhohlwe nya ukuthi konje kwakuyimuphi unyaka ifika okokuqala iScenic kuleli.

Ngigcine ngitholile ukuthi kwabe kungu 1996 okwaba unyaka wokushintsha kwezinto emkhakheni wezimoto ezingama multi-purpose vehicle (MPV).

Iqiniso elibuhlungu kodwa elaziwayo ukuthi iScenic iyona eyahlahla indlela kulesi sigaba sezimoto base beyalandela nabanye.

Lesi sigaba siya ngokukhula njengoba nakwa-Toyota bengazibekile phansi nge-Avanza, kwa-Peugeot bane 3008 okuyimoto yomndeni.

Copy of no scene2

Ngokusho kukaFabien Payzan, oyi-Marketing Vice-President kwa- Renault South Africa sekudayiswe izimoto ezingu 3,9-million kuze kube yilesi sikhathi, kanti iScénic ne Grand Scénic zilokhu zihamba phambili ngokudayiswa emazweni ase-Europe.

Kulokhu kwa-Renault bakhiphe i-five seater Renault Scénic ne-seven seater Grand Scenic okuyizimoto abathi zakhelwe abantu abanemindeni emikhulu futhi abakukhonzile nokuzikhipha.

I-Scenic five-seater ayidle ngasimanga kodwa bazamile ukuthi bayishintshe ngaphambili bazama ukuyenza ibe sa-sporty, yase iqumba.

Okunye abakufakile amalambu i-LED daytime running asetholakala nakunoma iyiphi nje imoto (bayenza indaba kwa-Audi).

Angeke ngibadlele umona kwa-Renault kwezobuchwepheshe ngoba iScenic ka 2012 isezingeni uma kubhekwa kwezobuchwepheshe.

Zisuka nje ebhandeni bakwethulela injini engu 1.6 dCi Energy turbodiesel okusho ukuthi isebenzisa udizili.

Copy of no scene3

Le moto idunyiswa ngebhathini iStop-and-Start. Lobu buchwepheshe buyatholakala nakwi-Grand Scénic Dynamique.

Angazi ukuthi lokhu abakushoyo kuyiqiniso kanjani uma bethi injini engu-dCi Energy iphakathi kwezinjini zeFormula One kanye nezinjini ezitholakala ezimotweni zabo abazisebenzisa emjahweni yasemaqaqasini i-Off Road.

Ngiyabavumela uma bethi le njini i-1.6 dCi Energy enamandla ukuzedlula zonke ezisesigabeni sayo njengoba ingu 96 kW kanye ne torque engu 320 Nm okusho ukuthi bengeze i-torque ngo 20Nm ngaphezulu uma uyiqhathanisa neye 1.9 dCi ethatha indawo yayo.

Ezinye izindaba ezimnandi ngama Scenic ka 2012 ukuthi kuzokwengezwa nenjini engu 2.0 dCi Auto kwi-Grand Scenic BOSE Edition ebikade kukhulunywa ngayo isikhathi eside.

Injini ebivele ikhona i-1.6 16v esebenzisa u-petrol (ethandwa kakhulu ngothisha) isazolokhu ikhona. Le Scenic iphuma nezihlalo ezinhlanu namandla enjini angu 83kW kanye ne-torque efinyelela ku 151 Nm.

Kwezokuphepha iphuma ne-ABS brakes ehambisana ne-Emergency Brake Assist (EBA) ne-Emergency Brake force Distribution (EBD), kanye ne-ESP stability control ehambisana ne Hill Start Assist.

AMANANI

– Scénic 1.6 Expression R259 900

– Grand Scénic 1.6 dCi Dynamique R324 900

– Grand Scénic 2.0 dCi Bose R379 900


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.