Kwa-toyota sebekhiqize 200 million

Comment on this story
no coro ISOLEZWE NJENGOBA abakwaToyota emhlabeni bejabulela ukufika ku-200 million wezimoto asebezikhiqizile kusuka baqala bathi iCorrola yiyona moto asebeyikhiqize kakhulu.

FANELESIBONGE BENGU

ABENKAMPANI ekhiqiza izimoto, iToyota Motor Corporation (TMC) ngoLwesibili bamemezele ukuthi imikhiqizo yabo yezimoto idlule u-200 million.

Lokhu kuthathe iminyaka engu-76 nezinyanga ezingu-11 ukuze bakuzuze kanti kwaqala ngokukhiqizwa kweloli iModel G1 ngo-Agast ka-1935 eToyota Automatic Loom Works’ Department, esibizwa ngeTMC.

Ekupheleni kukaJuni, isibalo somkhiqizo usuwonke eJapan sifinyelele ku-145.21 million wezimoto kanti emhlabeni jikelele zifinyelele ku-55.12m wezimoto ezikhiqiziwe.

UMengameli weTMC, u-Akio Toyoda, uthe ufisa ukudlulisa ukubonga okusuka ekujuleni kwenhliziyo yakhe kumakhasimende abo emhlabeni jikelele okube yiwo enze bazuza lokhu.

“ngibethulela isigqoko bonke abantu ababambe iqhaza elikhulu futhi ababe nomthelela ekudwebeni, ekukhiqizeni nasekumaketheni izimoto zakwaToyota nakwaLexus kuyo yonke le minyaka. Sizimisele ngokuthi senze izimoto zethu zibe ngcono kakhulu kunakuqala futhi siqhubeke nokunika abathengi bethu izimoto ezisezingeni eliphezulu ngokwamandla ethu.

“Lokhu kuyiphupho lawo wonke umsebenzi wakwaToyota kwabangu-300 000 emhlabeni jikelele,” kusho uToyoda.

IToyota Corrola kube yiyona moto ekhiqizwe kakhulu njengoba ukukhiqizwa kwayo kube ngu-39.08 million ekupheleni kukaJuni.

BAFIKE KANJANI KULEZI ZIBALO

Bafike emkhiqizweni wezimoto ezingu-10 million kusuka ngeloli iModel G1 ngoJanuwari 1972. Lokhu kubathathe iminyaka engu-36 nezinyanga ezingu-6.

Ukufika ku-50 million ngo-Okthoba 1985 kwenzeke ngemuva kweminyaka engu-50 nezinyanga ezintathu

Bafike ku-100 million ngoJanuwari 1997 kanti kubathathe iminyaka engu-61 nezinyanga eziyisithupha.

Okwakamuva kube wukufika ku-200 million okwenzeke ngoJuni kanti kubathathe iminyaka engu-76 nezinyanga ezingu-11


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.