Kwehle umthwalo ngamabhasi

Comment on this story
NO buses1 INLSA UMSHAYELI wamabhasi wasoNgoye, uMnuz Mabhoni Zuma, uMnuz Lollu Carim wakwa-Autopax benomphathi wasoNgoye uSolwazi Fikile Mazibuko noMnuz Farhaad Mahomed wakwa-Autopax bejabulela amabhasi abanikelelwe wona. Isithombe: PATRICK MTOLO

MHLENGI SHANGASE

KUZOPHELA ukuqasha amabhasi namatekisi uma kuyofundwa eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, edume ngokuthi isoNgoye njengoba sebethole amabhasi athi bona.

La mabhasi amabili anikelwa nguShansela walesi sikhungo, uMnuz Sbusiso Ndebele onguNgqongqoshe wezokuThutha kuleli.

Azosiza kakhulu uma abafundi bephuma beyofunda ngaphandle kwenyuvesi njengoba bekudingeka lesi sikhungo siqashe amatekisi namabhasi ngoba kunebhasi eyodwa.

Umphathi walesi sikhungo, uSolwazi Fikile Mazibuko, obephuphuma yinjabulo izolo emukela la mabhasi eThekwini, utshele Isolezwe ukuthi kwehle umthwalo emahlombe abo ngokuthola la mabhasi.

Uthe la mabhasi azotshalwa ophikweni lwaseRichards Bay nolwaKwaDlangezwa kanti azosiza kakhulu njengoba bephucula ingqalasizinda yesikhungo.

“Lo mnikelo uza ngesikhathi lapho sifuna ukuguqula inyuvesi siyenze ibe sezingeni lomhlaba. Sinezinhlelo ezifana nezokufundisa, ezosonhlalakahle, ezobuhlengikazi, ezokuvakasha neminye ke imikhakha edinga ukuthi kuphunywe kuhanjwe kuyofundwa ngakho la mabhasi azosiza kakhulu,” usho kanje.

Uthe sekuzoba lula manje ngoba azoshayelwa abashayeli abaqashwe yisikhungo futhi noma abafundi bebuya ebusuku bazobekwa ezindaweni eziphephile.

La mabhasi eza nohlelo lokuwagcina esesimeni lweminyaka emibili, i-tracker ezokwenza ukuthi atholakale kalula uma ebiwa kanti agqize ngemibala yalesi sikhungo.

USolwazi Mazibuko uthe ziseziningi izidingo zabafundi kodwa ikhona inhlansi yethemba uma sekukhona usizo olufuze lolu.

“Zihlale zikhona izidingo kodwa sinxusa abafundi ukuthi uma benezikhalo beze kithina sihlale phansi sixoxe ngazo. Izinkinga zixazululwa ngezingxoxo ngakho uma kukhona abakhala ngakho abeze kithina iminyango ivuliwe,” usho kanje.

Omunye wabazoshayela la mabhasi, uMnuz Mabhoni Zuma uthe bekudingeka baqashe inqwaba yamabhasi uma abafundi bephuma beyofunda.

Uthe manje sekuzoba lula ngoba azoba mathathu amabhasi esikhungweni futhi ngeke besafuna amabhasi kwezinye izinkampani.

“Imikhakha edinga ukuthi abafundi baphume bayofunda ngaphandle miningi ngakho bekudingeka kuqashwe amabhasi.

“Cishe besiqasha amabhasi ayisishiyagalombili ukuze kuphunywe kuyofundwa. Manje sekuzoba lula,” usho kanje.

Obebhekele ukunikelwa kwala mabhasi, uMnuz Farhaad Mahomed, oyisikhulu sakwa-Autopax, uthe ayabekezela futhi asesimeni esihle kakhulu ukuthi angathwala abafundi.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.