UNGQONGQOSHE woMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi, uMnuz Thulas Nxesi, uvumile izolo ukuthi ukulungiswa kwezokuphepha emzini kaMengameli Jacob Zuma eNkandla kwaba ngaphezulu kwesabelozimali.

UNxesi uthe kuyacaca ukuthi kwasetshenziswa imali engaphezulu kwaleyo okwakufanele isetshenziswe. Lokhu uNxesi kuthiwa ukusho ekhuluma esiteshini somsakazo iKaya FM ohlelweni lukaJohn Perlman.

Kuthiwa uthe uphenyo lwangaphakathi lokucwaninga amabhuku luzophothulwa ngesonto elizayo futhi umbiko walo uzokwethulwa emphakathini.

UNxesi utshele uPerlman ukuthi imali eyakhokhwa ngomsebenzi wokwakha ishiya imibuzo. Ugxeke imboni yezokwakha ethi maningi amathuba okuthi kudlalwe ngabantu.

Uthe amalungu omphakathi anelungelo lokungajabuli wacela kunikezwe umnyango wakhe ilungelo lokuba uphenye.