Kwethulwe ijezi likaMathoho engekho

Comment on this story
no hayi jessi Gallo Images IBRAND Manager yeKaizer Chiefs uJessica Motaung yethula ijezi lika-Eric "Tower" Mathoho ngesikhathi kunesithangami nabezindaba eLobola Kraal, Thaba YabaTshwane, eGoli izolo. Isithombe: GALLO IMAGES

MBONGISENI BUTHELEZI

UKUVEZWA kwejezi elibhalwe igama lika-Eric “Tower” Mathoho ngesikhathi iKaizer Chiefs yethula abadlali bayo abasha eGoli izolo kuqinisekise izinkulumo zemenenja yalo mdlali, uTim Sukazi, obehlezi egcizelela ukuthi uzophelela eNaturena.

Iningi belimagange lifuna ukubona ukuthi uzobe ekhona yini lo mdlali wasemuva weBloemfontein Celtic ohleni lwabadlali abasha abethulwe yiChiefs izolo. Nokho imibuzo iphinde yaqubuka ngesikhathi kuvezwa ijezi elingunombolo 3 libhalwe igama lakhe uMathoho. Lolu nkonko lo mdlali belungabonwa nangokhalo kodwa seluke lwabonakala ejimini yeChiefs kulona leli sonto. Ngesikhathi izintatheli ziphonsa imibuzo yokuthi ngabe kwenzekani ngoMathoho kuhlalukile ukuthi lo mdlali akakasayini njengoba sekuzwakale kaningi ukuthi neMamelodi Sundowns ayizibekile phansi imnunusela ngemali yize esemagcekeni aseNaturena.

UJessica Motaung oyiBrand Manager yeChiefs uvumile ukuthi uMathoho akakasayini kodwa waqinisekisa abalandeli beChiefs ukuthi ikhaya elilandelayo lalo mdlali iyona iNaturena.

“Ngingasho ngithi njengabaphathi beqembu sisebenza kanzima ukuthi sithole lo mdlali kodwa sesivumelene naye. Ukubeke kwacaca ukuthi uyalithanda iqembu, kufanele silungise izinto ezincane nje bese konke kuyobe sekulungile,” kusho uJessica.

Yize ekhulume kanje uJessica kodwa kuyacaca ukuthi kusengenzeka noma yini ngalo mdlali ngoba akukho phepha asalisayinile neChiefs. Okucishe kuhlaluke lapha ukuthi iCeltic ididekile ngemali ebekwa yiSundowns etafuleni njengoba kuvela ukuthi inkulu kunekhishwa yiChiefs.

Njengoba bekulindelekile kumenyezelwe uDoctor Khumalo, Ace Khuse no-Arthur Zwane njengabaqeqeshi abazoba ngamaphini kaStuart Baxter. URainer Dinkelacker uzoba ngumqeqeshi wonozinti.

Akuzange kube khona okwethusayo ngesikhathi bememezela abadlali abebelindelwa okungoMorgan Gould (Supersport United), Siyabonga Nkosi (Golden Arrows), Siyabonga Gaxa (Lierse, Belgium), Kgotso Moleko (Celtic), Sakhile Hlongwa (Thekwini Coastal) noBrilliant Khuzwayo obengekho ngoba iThanda Royal Zulu beyidlala ngoLwesithathu.

“Ngesizini edlule siye sabheka lapho ebesibona khona izikhala sase siqhamuka nokuthi kufanele kusayinwe laba badlali. Sicabanga ukuthi bazolishintsha iqembu behlangene nabaqeqeshi nabalandeli esibheke ukuthi bagcwalise inkundla. Siphinde sakhulula abadlali okubalwa kubo uTinashe Nengomashe, Dominic Isaacs, Thomas Sweswe nabanye. Sibafisela inhlanhla emaqenjini abo amasha,” kusho uJessica Motaung.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.