Group
UMPHATHI weZwi Lomzansi uVela Xulu, uMnuz Willies Mchunu oyiPhini likaSihlalo we-ANC eKZN, Bongani Cele oyilungu lebhodi elilawula lo msakazo, Maswidi Xaba ongumsakazi noFuthi Khumalo ongumphathi wezinhlelo bezothula umuzi abawunikele.
SIZWE BLOSE
KUHLE ukubona imisakazo yomphakathi izimisela ngokusiza abantu yize ibizwa ngemisakazo emincane.
Okuhlaba umxhwele kakhulu ngale misakazo ngukuthi uma izosiza umuntu ayiphumeli ngaphandle ime phezu kwentaba, ibize abezindaba, ithi yona seyilekelele bani njengoba kuke kwenze eminye.
Ngicabanga ukuthi inhloso yokulekelela umuntu kuba yinto esuka ngaphakathi, kodwa kuye kuxake okwanamuhla.
Angazi noma ngizothi ukufuna ukubukwa yini noma inhloso ukusiza bese ubiza abezindaba ngoba nakhu uhambisa usizo emphakathini.
Lesi senzo sokubiza abezindaba angiboni ukuthi siphusile ikakhulukazi uma uzimisele ngokusiza umphakathi okwangempela.
USOTSWEBHU weTheku uStanley Xulu owathi uma elalele Izwi Lomzansi wathinteka wanxenxa osomabhizinisi ukuthi bakhele imizi abalaleli ababeswele.
Group
Ake sithi uyababiza bagcina bengafikanga, okusho ukuthi wena noma uluhambisile lolo sizo kodwa ulimele enhliziyweni ngoba nakhu bengafikanga abezindaba.
Ngokwami ukufika kwabo nokungafiki kuyafana, into esuke ibalulekile ukulekelela lowo osuke edinga usizo.
Lesi sihlava sokufuna ukubukwa ngabantu abaswele ngisibona sisimbi kakhulu, angazi nokuthi sathola izimemo ezingaki ngosuku lukaDkt Nelson Mandela njengoba kwakulindeleke ukuthi abantu banikele ngemizuzu engu-67 ukusiza labo ababedinga usizo. Cishe iningi lalabo ababefuna ukusiza lalifuna kube nabezindaba ukuze libonakale ukuthi lenzeni.
Inhloso yami kodwa ngifuna ukulincoma Izwi Lomzansi FM ngesenzo salo esihle sokunikela ngemizi emibili emindenini ehlukene, omunye umama ongaboni wahlomula ngokuthola omunye wale mizi.
Angiphinde ngilincome kakhulu igalelo lohlelo lukaVictor “Maswidi” Xaba olubizwa ngeMzansi Touch.
Kunabasakazi kanjalo nemisakazo abazishaya isifuba ngezinhlelo zabo bethi zihamba phambili kodwa ekugcineni ungaboni ukuthi zihamba phambili ngani, futhi ziba siza kanjani abantu abasuke belalele.
Kuyangithokozisa ukuthi kunezikhulu zepolitiki nezikahulumeni ezilibonayo igalelo lemisakazo yomphakathi.
Ezinye izikhulu ziyayiziba imisakazo yomphakathi, zikutshela ukuthi zona zilalela i-SAFM, akukho okubi ngokulalela lo msakazo kodwa engikwaziyo ukuthi uma ungumholi ikakhulukazi womphakathi uthola izinto eziningi kule misakazo yomphakathi.
Ngikusho lokhu ngoba ngemuva kokuthi uhlelo lukaMaswidi luthole ucingo luvela kulo mama ongaboni nalo mlaleli omunye, kukhona umholi owayelalele nowalekelela ukuze kutholakale usizo.
Cha, ngingasho ngingahlonizi ukuthi bayadingeka abaholi abanjengalaba abazihluphayo ngokwenzeka emphakathini abayiholayo.
Ngithinta umphathi siteshi weZwi Lomzansi uVela Xulu ukuqinisekisile ukuthi abalaleli bakhe bagcina belutholile usizo.
Ngiyacabanga ukube lesi siteshi besingeminye yemisakazo ngabe sabeleselwa ngokuthi asifike sizobona kuvulwa le mizi.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services