Libuyele eNkantolo eNkulu elokubulawa kweJaji

Comment on this story
no Copy of ct Thandi 350 inlsa uThandi Maqubela, obhekene necala lokubulala umyeni wakhe owayeyiJaji, uPatrick Maqubela. Lapha wathathwa etheleka enkantolo. Isithombe: Brenton Geach

LIQALILE futhi izolo eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape icala lokubulawa kweJaji laseNkantolo eNkulu uPatrick Maqubela. Obhekene naleli cala ngumkakhe uNkk Thandi Maqubela kanye nosomabhizinisi uVela Mabena owayenza umsebenzi wokusabalalisa imikhiqizo yezempilo.

Bobabili bayaliphika icala lokubulala iJaji uMaqubela ngoJuni 2009. Izolo ubufakazi bethulwe yimenenja yakwa- Vodacom uPetra Heynecke obechaza ngemiyalezo yeselula nezinombolo ezabe zifonelwa kusetshenziswa amaselula amabili. Ebufakazini bakhe akazange anike imininingwane egcwele yemiyalezo noma izinombolo ezabe zishayelwa. Ubefakaza ngokuthi ikhona imiyalezo eyathunyelwa phakathi kukaMabena noNkk Maqubela kanjalo nomyeni wakhe ngaphambi kokuba abulawe.

Phakathi nobufakazi ummeli kaMaqubela uMarius Broeksma usukumile echitha lobu bufakazi ethi abuliyisi ndawo leli cala. “Uma umbuso unezizathu ezithile ngalobu bufakazi, angazi mina ukuthi kungaba yiziphi,” kusho ummeli uBroeksma.

IJaji lithe kumele kuqhutshekwe nabo lobu bufakazi emuva kokuba uMshushisi uPedro van Wyk ethe bubalulekile futhi buyingxenye yecala.

Umbuso uthe iJaji uMaqubela waklinywa encishwa umoya waze wafa kanti ummeli kamma-ngalelwa uNkk Maqubela uthe iJaji lashona ngendlela ejwayelekile yokugula.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.