INLSA
UDIDE abaningi uSibusiso Gcabshe izolo ngesikhathi evele enkantolo yesifunda eVryheid, nala etshele khona inkantolo ukuthi ucela abantu bayeke ukumbiza ngoGcabashe ethi yena ungowakwaKhumalo
NOKUBONGWA PHENYANE
SELUYINSUMANSUMANE udaba lwecala elibhekene noSibusiso Gcabashe owazakhela udumo ngesikhathi ethi yena ungumculi kamaskandi owadlula emhlabeni ngo-2009 uKwakhe “Mgqumeni” Khumalo.
Izolo ngesikhathi evele okokuqala enkantolo yesifunda eVryheid umangaze iningi futhi esethi abantu abayeke ukumbiza ngoGcabashe ngoba leso akusiso isibongo sakhe.
UGcabashe uphinde wadida abaningi futhi wabashiya nemibuzo ngesikhathi ethi yena manje usefuna abantu bambize ngowakwaKhumalo, hhayi lo Gcabashe abekade evuma ukuthi unguye selokhu aboshwa.
“Ngicela ukuthi abantu bangihloniphe bangazi ukuthi mina nginguMgqumeni, hhayi lo Gcabashe abangibiza ngaye. NginguKwakhe Khumalo mina, ngicela kuhlonishwe lokho ngingalokhu ngibizwa ngomuntu engingamazi,” kusho uGcabashe.
IMantshi esiphethe leli cala manje uMnuz Sifiso Madida ibe isimumisa uGcabashe kulokhu yamazisa ukuthi konke afuna ukukukhuluma useyokusho mhla leli cala selithethwa ngenyanga ezayo.
Izolo bekulindeleke ukuthi kuphume usuku lokuqala ukuqulwa kwecala kodwa ngenxa yokuthi umphenyi usahlabe ikhefu emsebenzini akwenzekanga.
Kubhekeke ukuba liqale ukuqulwa ngoJulayi 6 enkantolo yaseVryheid. Okunye okuphinde kwavela wukuthi kumele ofakazi abazodingeka uma sekuqulwa leli cala bahlangane nomphenyi ukuze abazise ukuthi bazodingeka nini enkantolo.
Kwenzeka lokhu nje uGcabashe kuthiwa kunezinsongo azithola kwabathize njengoba ngesikhathi ebona unina owayehambisana nomfowabo enkantolo yeMantshi eNquthu wabatshela ukuthi ngubani owamthuma ukuthi azibize ngoMgqumeni.
Ngesikhathi ebona laba uGcabashe wabatshela ukuthi uNonhlanhla Majola owayeyintombi yalo mculi nguye owamthatha wamyisa kwaKhumalo eSigqumeni eNquthu, nala wafike washaywa khona, watshelwa ukuthi akavume ngenkani ukuthi unguMgqumeni futhi usevuke kwabafileyo.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services