INKANTOLO yaseZimbabwe isikhiphe isiphakamiso sokuthi abasolwa ababili abazishaya isifuba ngokuthi bandize ngemilingo besebenzisa ummbila nebhakede baye kohlolwa ingqondo kubonakale ukuthi baphile kahle yini engqondweni.
UMshushisi wenkantolo izolo uthe laba besifazane ababili abasolwa ngokuthakatha baboshwe ekuqaleni kwale nyanga emuva kokutholakala benqunu egcekeni lomunye umuzi oseChinhoyi, okuyindawo engango-110 kilometers ukusuka eHarare.
Laba besifazane babhekene namacala okuthakatha ngaphansi komthetho iWitchcraft Laws ohambisana nokuhlawuliswa kanzima uma utholakale unalelo cala.
Imiphakathi yakule ndawo inezinkolelo zokuthi ibhakede “lokundiza” noma ummbila kuyefana nokusebenzisa umshanelo wokundiza abathakathi.
INkantolo yaseChinhoyi ilihlehlisele uJulayi 11 leli cala lapho iyobe isilalela ukuthi itheni imiphumela yokuhlolwa kwabo laba basolwa.
– Intatheli yeSolezwe
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services