BONISWA MOHALE

LIPHINDE lahlehliswa icala lezelamani zakwaNtuli ezisolwa ngokubulala ilungu le-NFP, uMnuz Mthunzi Gwala, ehostela lase-Seventini, eMlazi.

Izelami, ezingamalungu e-IFP ngoMnuz Muzi Ntuli (32) noXolani Ntuli (29), zivele enkantolo yeMantshi yaseMlazi, ngoLwesihlanu ngaphambi kokuthi ummeli wazo, uMnuz Lawrence De Klerk, acele ukuba lihleliswe icala lazo.

Uthe kusafanele afunde kahle ubufakazi bombuso ukuze abone ukuthi uzoqhubeka yini nesicelo sebheyili.

UDe Klerk ubephethe inqwaba yamaphepha abelokhu ewafunda enkantolo. kuthe sekumele asho ukuthi ufuna kwenzekeni wazisa iMantshi, uMnuz Avesh Sukdoe, ukuthi usekutholile abekudinga ucela lihlehliswe leli cala.

IMantshi ibe isilihlelisela uSepthemba 6 yase itshela abasolwa ukuthi basazoqhubeka nokutoka.

NgoLwesihlanu amalungu e-IFP nawe-NFP atshelwa ukuthi awufuneki msindo enkantolo achazelwa ukuthi kuzovunyelwa angu-20 zihlangothi zombili ukuba angene enkantolo.

Amanye acelwe ukuba ayolinda ngaphandle kwesango.

Kwenzekile lokhu njengoba enikezwe izigqebhezana ebezinezinombolo okusetshenziswe zona ngesikhathi sekungena izelamani zakwaNtuli.

Yize bekukhona ukuklolodelana bekungafani njengezinye izinsuku kanti kubukeka sengathi lisebenzile isu lamaphoyisa lokuhlukanisa amalungu e-IFP nawe NFP.

Ngaphandle bekumiwe izixongololo kubhungwa ngobekwenzeka enkantolo njengoba abanye bengakwazanga ukungena.