INTATHELI YESOLEZWE

UKAPUTENI weBafana Bafana, uSteven Pienaar (osesithombeni) utheleke kuleli kuleli sonto ezimisele ngokuzobhekana necala abekwe lona lokuhlukumeza owesilisa kodwa leli cala alizange liqale nakuqala enkantolo njengoba lihlelisiwe ngenxa yokuthi amaphoyisa abengakaqedi ukwenza uphenyo.

UPienaar usolwa ngokuhlasela uThabang Mnisi, ozalwa yiPhini likaNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi nokuPhatha uNksz Ayanda Dlodlo. Kuthiwa lesi sigameko senzeka endaweni yokuzijabulisa eSandton ngenyanga edlule.

Ngokwesitatimende sikaMnisi, uPienaar wayenabangani bakhe asolwa nabo ngokukhahlela nokushaya ngezibhakela uMnisi kubangwa ukusetshenziswa kwendlu yokuzikhulula eyayibekelwe izitatanyiswa.

Ngesikhathi evela okwesibili uPienaar eNkantolo kaMantshi eRandburg izolo, amaphoyisa abengakaqedi ukuhlonza labo okusolwa ukuthi babeka isandla kuMnisi. Amaphoyisa ebengakakwazi ukuthola futhi ukuthi uPienaar wayekhona yini naye kulabo ababeshaya uMnisi.

Ummeli kaPienaar, uMnuz Cliff Alexander, ekhuluma ngaphandle kwasenkantolo, uthe lo mdlali osemabhukwini eTottenham Hotspur yase-England wayengekho kulabo abasolwa ngokushaya uMnisi.

U-Alexander uthe amaphoyisa abengakadaluli ukuthi aseyibukile yini i-video ye-CCTV eyashuthwa kule ndawo ebingaba nobufakazi bokuthi wayeyingxenye yalokhu kulwa.

Lo mmeli ubuye waveza nokuthi uMnisi ovule leli cala akazange aye esiteshini samaphoyisa eSandton ngoLwesibili olwalubekelwe ukuthi ayohlonza labo athi bamshaya, okuyinto engavulela uPienaar intuba yokuthi aphunyuke ngokuthi lesulwe leli cala abekwe lona. Nayizolo uMnisi akazange alubhade enkantolo futhi akatholakalanga ukuze aphawule. UPienaar naye akazange afune ukuphawula.

UPienaar kulindeleke ukuthi aphindele e-United Kingdom ngempelasonto kodwa kuyodingeka ukuthi abuyele kuleli ngoSepthemba uma liqhubeka leli cala.