Gallo Images
UMGADLI weMamelodi Sundowns uNyasha Mushekwi nesitobha seKaizer Chiefs uThomas SweSwe bangabanye babadlali abamiswe yiZifa ngenxa yomkhonyovu. Isithombe: GALLO IMAGES
LISENGCUPHENI ikusasa labadlali bamaqembu athathwa njengamakhulu kuleli abadabuka eZimbabwe ngemuva kokuthi betholakale benecala lokuba mdibi ecaleni lokuphekwa kwemiphumela bamiswa isikhathi esingashiwongo.
Ngemuva kophenyo oluthathe isikhathi eside, iZimbabwe Football Association (Zifa) imise ekuzihlanganiseni nebhola abadlali abangu-67 okukhona kubona uNyasha Mushekwi, Method Mwanjale beMamelodi Sundowns, Thomas Sweswe weKaizer Chiefs noKhama Billiat we-Ajax Cape Town.
Isisusa salolu phenyo ukuputshuka komkhonyovu wokuphekwa kwemidlalo nokugwazela okwenzeke phakathi kuka-2007 no-2009 lapho iZimbabwe ibidlala khona eyobungani namazwe athile ase-Asia okukhona kuwona neThailand.
Nakuba amaqembu alaba badlali ekucacisa ukuthi akukho zinyathelo azozithatha ngemuva kwalesi sinqumo seZifa kodwa iSouth African Football Association (Safa) iveze ukuthi ilinde umyalelo ezowuthola kuFifa ngokufanele ikwenze ngabo.
Lokhu kuqinisekiswe wuRobin Petersen oyiChief Executive Officer (CEO) yeSafa ngesikhathi ebuzwa yileli phephandaba ukuthi njengoba bemiswe wusoseshini wabo kukhona yini bona abazokwenza.
“Sibuswa yiFifa ezintweni ezithinta ososeshini bamazwe ngakho-ke silindele yona ukuthi isitshele ngokufanele sikwenze uma kungukuthi (iFifa) izoxhumana nathi. Okwamanje akukho esizokwenza kodwa lolu daba siyalwazi,” kusho lesi sikhulu.
UKabelo Masito wezokuxhumana kuSundowns uthe njengoba laba badlali bebengakafiki kuDowns ngesikhathi kwenzeka lokhu kunzima ukuthi kungaba khona izinyathelo abazithathayo.
“Angikholwa wukuthi sinamandla okuthatha izinqumo ngento engasithinti. Bobabili bebengakafiki kuSundowns ngesikhathi kwenzeka lokhu futhi kwenzeke kwelinye izwe kubhekene amanye amazwe hhayi elakuleli,” usho kanje uMasito.
Lokhu kwenanelwe nguGeorge Commitis oyisikhulu esiphezulu se-Ajax egqamisa ukuthi uBilliat ufike kubona ngesizni ka-2010/2011 ngakho-ke akukho angakusho.
“Besilwazi lolu daba kodwa besingakatshelwa lutho ngokuthi sebemisiwe. Noma kunjalo akukho esingakwenza thina ngoba lolu daba alusithinti njengeqembu.
“Umdlali ngowethu kodwa ngesikhathi kwenzeka lokhu ubengakafiki kithina,” usho kanje.
Kuthintwa uBobby Motaung oyimenenja kuChiefs, obambe ucingo lwakhe uthe leli qembu aliphawuli ngenzwabethi. Akekho oseke wabathinta ebazisa ngalo.
Akubona abadlali kuphela abamisiwe lapha kepha kunabanye abasethimbeni labaqeqeshi nezikhulu zikasoseshini abavumile ukufumba-thiswa imali ukuze iZimbabwe yehlulwe kule midlalo.
Abamisiwe kuthiwe ngeke bazihlanganise nebhola lomhlaba ngaphandle uma beza ngaphambili nobufakazi bokuthi bamsulwa.
|
|
Services