.
UMDLALI wasesiswini we-Orlando Pirates uThandani Ntshumayelo uthi ukusinda kwejezi leBucs kumenza azimisele kakhulu uma engena enkundleni eligqokile. Isithombe: BACKPAGEPIX
UGONYULUKA ngokusinda kwejezi le-Orlando Pirates uThandani ‘Bibo’ Ntshumeyalo ozakhele ugazi kubalandeli baleli qembu ngesikhathi edlala ingcwenga yebhola ngomdlalo wakhe wokuqala edlubhe umfaniswano weZimnyama.
Ngemuva kwalo mdlalo uNtshumayelo, obethathe indawo ka-Oupa Manyisa obesalimele, uqokwe njengomdlali ovelele. Indlela uNtshumayelo adlale kahle ngayo kulo mdlalo umqeqeshi wePirates uJulio, Cesar Leal, uzophoqeleka ukuthi aphinde ambophele kowanamuhla nePlatinum Stars eRoyal Bafokeng Stadium, ngo-7.30 kusihlwa.
Exoxisana naleli phephandaba ngokujoyina kwakhe iPirates, uNtshumayelo akazange akufihle ukuthi mkhulu umehluko phakathi kokudlala kweZimnyama neSuperSport United.
“Ijezi le-Pirates liyasinda futhi linesithunzi okwenza ungene enkundleni ubuswa wumcabango wokushaya into ephezulu kuphela. Abalandeli basuke begcwele inkundla futhi belindele imiphumela okuyinto ebeyingenzeki ku-United,” kusho uNtshumayelo.
“Awukwazi ukuphoxa izinkumbi zabalandeli abasuke bekhokhe imali yabo ukuzokweseka iqembu. Okunye okwenza lisinde (ijezi) wukuthi umbango walo ushubile. Lokhu kuyakugqugquzela njengomdlali ukuthi uzibambe ziqine uma uke wanikwa ithuba.”
IBucs ihlezi endaweni yesikhombisa ku-log ye-Absa Premiership. isele ngamaphuzu ayisishiyangalombili kuMamelodi Sundowns ezihola phambili.
“Kumele sifake ingcindezi emaqenjini angaphezu kwethu ngokunqoba lo mdlalo weStars. Iligi siyayidinga futhi ukushaywa kwethu emdlalweni weCaf kuzosenza siye kulo mdlalo ngomqondo wokubuyisa ukuzethemba kwethu. IStars ayilona iqembu elilula, ikakhulukazi uma sidlala ekhaya. Okunye wukuthi wonke amaqembu adlala ku-Absa Premiership afuna ukuyishaya iPirates kwazise ivikela isicoco,” kusho yena.
Ethintwa ngalo mdlalo, uThuso Phala weStars usheshe wakucacisa ukuthi balindele umdlalo onzima kuPirates njengoba ibuya endukwini eyiphoxayo.
“Iningi labadlali bePirates ngiyabazi, ngeke bavume ukushaywa imidlalo emibili ilandelana. Nakuba kunjalo kodwa lelo lukuluku singalisebenzisa ukuthi lisize thina ngoba kuba lula ukudlala uma ingcindezi ingekho kuwena,” kusho uPhala ozwakalise ukuthi bawulindele ngabomvu lo mdlalo futhi amaphuzu bawadinga ngendlela efanayo neBucs.
|
|
Services
Comment Guidelines