Advertisement

Liqhamuke nokwehlukile iZwi LoMzansi

MBALI KHANYILE

ISITESHI esisakazela umphakathi esihamba phambili KwaZulu-Natal, iZwi LoMzansi, sesiqhamuke nohlelo olusha lokumema osaziwayo ukuzosakaza kusona njalo ngoLwesihlanu.

UMANDLA Malakoane noMfundisi Vusi Dube ababalwa kosaziwayo abazozwakala kwiZwi LoMzansi.Isithombe: THOKOZANI NDLOVU. Credit: INLSA

Lolu hlelo olubizwa ngokuthi Yizwa Umehluko olusakazwa ekuseni kusukela ngo-8 kuya ku-9 luqukethe izinkakha esezaphuma kulo mkhakha wokusakaza, abaculi abangaconsi phansi, abalingisi ngisho nosopolitiki.

UNksz Thobeka Mchunu, ongumdidiyeli walolu hlelo, uthe inhloso yokumema osaziwayo ngukuqhamuka nokwehlukile emphakathini okuzokwenza ukuthi abalaleli bakuthakasele ukulalela lesi siteshi.

“Sizama ukwakha ubudlelwano phakathi kwabaculi, abalingisi, osopolitiki nabantu abasuke belalele imisakazo yabo emakhaya. Sikholwa wukuthi lolu hlelo luzokwakha ubudlelwano obuhle phakathi kwabalaleli nalezi zingwazi esizosebenzisana nazo njengoba bezokwazi ukuzikhulumela nazo bukhoma emoyeni,” kuchaza le ntokazi.

Eqhuba uthe uma isibalo sabalaleli balesi siteshi sinyuka emuva kwesikhathi esingange-nyanga bazoqhubeka nalolu hlelo.

Kosaziwayo okulindeleke ukuba bazwakale besakaza kulesi siteshi ngoLwesihlanu ekuseni kubalwa uPastor Vusi Dube weThekwini Community Church noMandla Malakoane owayeyisilomo somsakazi oKhozini FM.

Umdidiyeli walolu hlelo uthe kokuqukethwe yilolu hlelo kubalwa izingoma zakudala, umculo we-jazz, owokholo ne-Afro pop kanjalo nesihloko esizodingidwa uma abalaleli sebevulelwe izingcingo ukuze baveze imibono yabo ngaso.

Abanye abathe bafuna ukubafaka kulolu luhlu losaziwayo ngo-Ayanda Msweli, Thulani Zwane, Bhodloza Nzimande nabanye.

SHOW ALL
Advertisement