Lisazoyidliva libande izulu KwaZulu-Natal

Comment on this story
NO mvula1 INLSA Imvula namakhaza kuhlasele ethekwini kulezinsuku. Isithombe: PATRICK MTOLO

SIMPHIWE NGUBANE

IZANGOMA zezulu zithi lisazoqhubeka liyidlive izulu amakhaza abuze ukuthi ungubongakhi kuze kube nguLwesihlanu ntambama KwaZulu-Natal.

AbakwaSouth African Weather Services banxuse abashayeli bezimoto ukuba bashayele ngokucophelela njengoba inkungu izobe ikhasa phansi emigwaqweni emikhulu engothelawayeka njengo-N3.

Namhlanje kulindeleke imvula enamandla ehambisana nomsinga obandayo eqhamuka eningizimu yentshonalanga yezwe usuku lonke.

Le mvula izoshubisa kakhulu ezintabeni zoKhahlamba nasezindaweni ezigudle ugu kusukela eRichards Bay kuze kuyoshaya phansi ePort Sheptone.

Isangoma sezulu, uMnuz Lucky Makheedzha, sithe azobe eshubisa umnkantsha amakhaza namhlanje.

NO mvula3 UMvelo Mkhize no Ayanda Shezi abafundi basesikoleni i Cutshwayo primary e Tshelimnyama bazihlinzekele amakhaza. Isithombe: PATRICK MTOLO INLSA

Amazinga emvula azokhuphuka aze afinyelele ku-80%.

“Lizobanda kakhulu namhlanje kuso sonke isifundazwe. EThekwini amazinga azoba phakathi kuka-16 -18 degrees, eMgungundlovu abe ngu 13-14, eRichards Bay 16-18, oLundi 14-17 kuthi ePortShepstone abe phakathi kuka 15-17,” kusho uMakheedzha.

Uthe yize isimo singeke sibe sibi kakhulu sifane ncamashi nesangesikhathi izwe limbozwe yiqhwa kodwa abantu kumele bahlale beqaphile.

Uthe umoya uzobe ungemkhulu kangako futhi ngeke kube nokuduma kwezulu noma isichotho kodwa lezimvula zizovuma kakhulu abalimi.

AboMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zobuHoli boMdabu bahambe emazwini abezangoma zezulu ukuthi abantu kuzomele baqaphele ngoba isimo sezulu siyaqhubeka nokungabi sihle.

Okhulumela lo Mnyango, uMnuz Vernon Mchunu, udonse ngendlebe amakhansela ukuthi ahambele abantu axoxisane nabo ukuzwa ukuthi bakhahlamezeke kanjani.

NO mvula2 UMvelo Mkhize no Ayanda Shezi abafundi basesikoleni i Cutshwayo primary e Tshelimnyama bazihlinzekele amakhaza. Isithombe: PATRICK MTOLO INLSA

“Ithimba lethu lezinhlekelele limi ngomumo lilindele noma yini engase yenzeke. Okwamanje azikho izindawo esibikelwe zona ezinezinhlekelele njengoba omasipala abayizifunda okukhona kubo iTheku, Zululand, Sisonke, Ugu uThukela, Thungulu neminye ingakasithinti ifuna usizo,” kusho uMchunu.

Uthe basebenza bengamathimba amaningi ehlukene ubusuku nemini balindele noma yini njengoba benza bekhipha izindiza ezinophephela emhlane betakula abantu ababevaleleke eqhweni.

“Sincike emibikweni yamakhansela ukuthi asazise ngabantu abakhahlanyezwe yile mvula ukuze sibanike usizo abaludingayo,” kusho uMchunu.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.