Litholwe selishonile ibhungu eladuka

Comment on this story
NO KOMIDI5 . UMNDENI kaKhumbulani obekusolakala ukuthi uthunjiwe manje osekusolwa ukuthi uklajwe ngocelemba wabulawa. Kwesokunxele uNkk Precious Chonco, Nkk Ndo Shozi noNkk Philisiwe Ngobese basePhilani ngaseMlazi

LUNGI LANGA

LITHOLAKALE libulewe ibhungu lasePhilani eduze kwaseMlazi okuthiwa lithunjwe abalisa abebelisola ngokubaqola imali. Kusukela ngeledlule Isolezwe belilokhu libika ngokunyamalala kwaleli bhungu.

UCaptain Thulani Zwane, okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal ukuqinisekisile ukuthi utholakale esefile uKhumbulani ‘Komidi’ Hlengwa (23) okuthiwa wathathwa amadoda eseMalukazi emasontweni amabili adlule ngoba emsola ngokuwaqola imali engu-R2000.

Uthe isidumbu sakhe sitholakale eZimangweni eduze komgwaqo omkhulu oya eMbumbulu.

Umfowabo kaKhumbulani, uMnuz Mzwandile Hlengwa, uthe utshelwe yilungu leCommunity Policing Forum ukuthi omunye wabasolwa ufonele umngani wakhe emtshela ukuthi isidumbu basilahla kuphi.

“Sihambe namalungu omphakathi sayobheka lapho okuthiwa ulahlwe khona, samthola endaweni ewumhosha eduze kwemizi. Isidumbu sakhe besibhekiswe phansi sesiqala ukonakala,” kusho uHlengwa.

NO hlengwa3~1 UMPHAKATHI ubuthelene lapho kutholakale khona isidumbu sikaKhumbulani Hlengwa wasePhilani ngaseMlazi eThekwini. Izithombe: BONGANI MBATHA INLSA

Uthe okumkhululayo ukuthi bagcine besitholile isidumbu sakhe.

UKhumbulani utholakala nje umndeni wakhe ubusanda kuveza ukuthi awuneme ngophenyo lwamaphoyisa ngokulahleka kwakhe.

UHlengwa uthe kukhona umlisa owaphonswa imibuzo ngamaphoyisa waveza ukuthi ibhala lakhe lasetshenziswa abasolwa lapho beqhuba umfowabo emuva kokumshaya bambulale. Kanti kuke kwatholakala namateku akhe eshisiwe phandle kwendlu yomunye wabasolwa.

Uthe abanye bambona ngesikhathi eshaywa futhi kukhona oseveze ukuthi ugcine ngokugencwa wanqunywa ngaphambi kokuthi aqhutshwe ngebhala ngabasolwa.

Umamkhulu kaKhumbulani, uNkk Precious Chonco, uthe abaqondi ukuthi yini eyayingadala ukuthi laba balisa baphethe ngokumbulala yize babengamthumanga, babezozama ukukhokha le mali abamsola ngokubaqola yona.

UZwane uthe amaphoyisa aseSiphingo aphenya icala lokuthumba nelokubulala.

NO hlengwa1~1 UMNUZ Mwandile Hlengwa wasePhilani ngaseMlazi eduze komhosha lapho kutholakale khona isidumbu somfowabo INLSA

sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.