Advertisement
logoSections

Livivela iVodacom Durban July iGagasi 99.5 FM

SIZWE BLOSE

SEWUQALILE ukuvunguza umoya wesasasa lomjaho wamahhashi oba minyaka yonke iVodacom Durban July, ozoba ngoJulayi 7, eGreyville eThekwini.

UDJ Zinhle edlala eSpank ngempelasontoIsithombe:SANDILE MAKHOBA

Lo mjaho awugcini ngomjaho wamahhashi kodwa ubuye uhambisane nemfashini nobumnandi obusuke buthe chithi saka.

Isiteshi saseKZN iGagasi 99.5 FM sithembisa lukhulu kulo nyaka njengoba sithi sizobe siphethe ubumnandi obungasukumi phansi.

UVukile Zondi ongumphathi wezinhlelo kulo msakazo uthe iGagasi lizoguqula iTheku ngaleyo mpelasonto yobumnandi (Julayi 7) kwazise eminyakeni edlule belingabi nayo imicimbi yobumnandi ebalulekile kubathandi bobumnandi.

“Uzokhumbula ukuthi eminyakeni edlule bengisebenzela imisakazo ebeyenza iTheku lime enjenge-YFM ne-5 FM, namanje njengoba sengikwiGagasi FM kuzobe kukhulunywa ngomcimbi esiwenza ne-Afrotainment nabakwaMTN,” kusho uVukile.

Lo mcimbi abazowenza ngokuhlanganyela nabe-Afrotainment ubizwa nge-Fact Durban Rocks.

UVukile uthe kuzoba khona i-pre party ne-after party waveza ukuthi lo msakazo uzoba netende lawo ngosuku lomcimbi.

IFact Durban Rocks izoba sePeoples Park, eMoses Mabhida ngo-Julayi 7.

Kulo mcimbi kuzobe kuboshelwe abaculi noDJ abaseqophelweni eliphezulu okubalwa kubona uDJ Tira we-Afrotainment ehlanganisa lo mcimbi, Big NUZ, AKA, MiCasa, Sizwe Dhlomo, Bharr, Black Motion, Liquideep, DJ Sox , DJ Zinhle, Joocy, Happy, L’vovo, Siyanda, Shota, DJ Kent, Teargas, Spikiri, Mahoota vs Vetkoek, Zakwe, DJ Cndo, Thandolwethu, Oros, DJ Masiya nabanye. Amathikithi ale ndumezulu yomcimbi atholakala e-computicket.

SHOW ALL
Advertisement