UHLELO lukaSiya Mhlongo weGagasi 99.5 FM, iSoul Sunday engena njalo ngeSonto kusuka ngo-6 ekuseni kuze kuyoshaya u-10, lukushiya ubusisekile ngezindlela eziningi ngoba kulo akukho ongakutholi kusuka ekudleni komphefumulo kuya emculweni nasezinkulumweni ezakhayo ezethulwa ngabafundisi abehlukene.
Muva nje le nsizwa isinesikhathi lapho iletha khona uMfundisi ozokhulekela abalaleli balolu hlelo abasezinkingeni ngezindlela ezahlukene.
Uma luqala lolu hlelo ngo-6 uSiya udlala umculo athi naye usuke uhambisana nesimo sakhe ngaleso sikhathi njengoba kusuke kungumculo wendumiso.
Uma seligamenxe ihora lesithupha le nsizwa ibe isiba nesihloko esigabeni esibizwa ngokuthi iVirtues Living, la ekhuthaza abantu ukuthi bangazibophezela kanjani ekutheni isimilo sabo sihlale kuyileso esimukelekayo phambi koMdali.
Uthi ngalesi sigaba sehora usuke ekhuthaza umuntu ngamunye ukuthi ahlale ecabanga futhi enomqondo wokuthi yini le ngempela ayizele emhlabeni nenjongo yokuba kuwo njengoba ethanda ukucaphuna umbhalo wabaseGalathiya 5:22 ofakazela lokho.
Uma selishayile ihora lesikhombisa le nsizwa ithi kuyila isuke ibheka umlayezo othunyelwe umlaleli oyedwa la esuke ecela izingoma zakhe ukuthi zidlalwe emoyeni.
Leli hora lokudumisa ngalezi zingoma lidonsa kuze kubumbane ihora lesishiyagalombili njengoba kusuke kungakhulumi muntu kodwa kudumisa umculo okuholela ukuthi ubheke enkonzweni.
Uma eqeda lapho umfo kaNjomane njengoba kusuke sekuyihora lesishiyagalombili kuya kwelesishiyagalolunye kula eba khona nesivakashi esingumfundisi esizokhulekela abantu.
Lesi sigaba esibizwa ngokuthi iSoul Sunday Discussion, ila abantu befona becela ukuthandazelwa ekuguleni kwabo nasezidingweni zempilo abanazo.
Kulesi sigaba abantu bashaya izingcingo babike izinkinga zabo akhuleke kuthi uma kwenzeka egula loyo muntu athole umkhuleko.
Esigabeni sokugcina salolu hlelo kubuye kuphindelwe emculweni bese kuba nesihambeli sakhe sokugcina esihlezi sikhona, uPhephelani Zondi oluleka aphinde agqugquzele abantu ngokuthi impilo yabo ingashintsha kuphela nje uma benethemba.
Umethuli wokuqala walolu hlelo kwakunguMandla Ngcobo owathi uma ehamba eya kuKhozi FM lwanikezwa uSbu Buthelezi naye owalushiya lwathathwa uMamgo owaluphatha izinyanga ezintathu lwase luthathwa nguye uSiya ngo-2008 kuze kube yimanje.
|
|
Services