Liyaqala elokuthiwa wadlwengula umfana

Comment on this story

THOKOZANI NDLOVU

KULINDELEKE ukuthi liqale ukuqulwa namuhla icala elibhekene nowesifazane waseMpumalanga, ngaseHammarsdale, osolwa ngokudlwengula umfana oneminyaka engu-15 ethi umnandi ngoba usokiwe.

Icala likaNksz Nokuphila Doris Luthuli (30), okuthiwa udla imishanguzo yokuthiba iHIV, lizoqulwa enkantolo yemantshi yakule ndawo. Yena ungaphandle ngebheyili ka-R1 000 ayithole ngenyanga edlule.

Wadedelwa ngaphansi kwemibandela yokuthi angahlali kubo njengoba akhelene nomfana okuthiwa wamdlwengula.

Enkantolo waveza ukuthi uzohlala eNonoti, kwaXimba, nokwenza kube lula ukuthi adedelwe ngebheyili.

Inkantolo yaphinda yakhipha umyalelo wokuthi kuzomele asayine njalo ngoMsombuluko esiteshini samaphoyisa saseMsunduze esikule ndawo.

Muva nje kunezinsolo zokuthi usephindele kubo eHammarsdale njengoba kuthiwa unina useke wabonakala phakathi nobusuku ephuma komhambisela ukudla lapho efihlwe khona.

Kuthiwa umphakathi wakwaXimba nawo ube nokuvungama ngesikhathi efika kuwona waze wahlela nokugxoba itoyitoyi uthi akaxoshwe kule ndawo ngoba sebezwile ngesigameko sakhe.

Ngokuthola kwaleli phephandaba akazange aqede ngisho isonto ekwaXimba.

Umndeni womfana okuthiwa wadlwengulwa ukhala ngokuthi siya ngokuba sibi isimo kulo mfana.

Udedewabo uthe sebelindele noma yini ngaye njengoba engasalawuleki njengoba ephazamisekile emqondweni ngenxa yalesi sigameko.

“Ngisho nomama useze wabizwa esikoleni lapho efunda khona umfowethu ngoba kuthiwa kuduma upotiyane manje kuye. Othisha abamfundisayo bathi akasakwazi kwenza lutho. Bathi nabo akukho abangakuzamile manje ukumsiza kodwa kunhlangazimuka nomoya,” kusho udadewabo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.