Advertisement

Liyiswa enkantolo yesithathu ‘eleBhova’

NOKUBONGWA PHENYANE

KULINDELEKE ukuthi kuphume usuku okuzodluliselwa ngalo eMgungundlovu icala elibhekene noSibusiso Gcabashe namhlanje eNkantolo yeMantshi eVryheid.

KULINDELEKE ukuthi lidluliselwe enkantolo eMngungundlovu icala elibhekene noSibusiso Gcabashe elingena namhlanje enkantolo kaMantshi eVryheid. Credit: INLSA

Leli cala eselizodluliselwa enkantolo yesithathu manje selidonse isikhathi eside selokhu kwavela ukuthi uGcabashe akayena lo mculi kamaskandi uMgqumeni Khumalo ayezibiza ngaye.

Ngokusho komphenyi waleli cala, uColonel Eric Maphari, namhlanje kuzokhishwa usuku lwaleli cala eMgungundlovu.

“Sizokhipha usuku elizoqulwa ngalo enkantolo lapho bonke ofakazi bezokwazi ukufinyelela khona. Maningi amacala avukile kaGcabashe okukhona kuwo athinta nabantu baseThekwini ngakho lizoqulwa lapho wonke umuntu ezokwazi ukufinyelela khona,” kucacisa uColonel Maphari.

Kuleli cala elihlale linezidubedube, uGcabashe wake wazama ngisho ukweqa enkantolo njengoba wakhala ngokuthi ufuna ukuyobona inyanga ukuze imlaphe njengoba ezinye iziboshwa zithi uyinyoka.

Muva nje uphinde wamangaza abaningi engena enkantolo nemiyeko efana naleyo eyayilukwe uMgqumeni esaphila.

SHOW ALL
Advertisement