Group
U Mxolisi Buthelezi 14 odutshulwe washona kudubulana amaphoyisa nabamatekisi efolweni ngomsombuluko
SIMPHIWE NGUBANE
KUSOLWA ukuthi lizibulele iphoyisa ebelinukwa ngokudubula umfana ngesikhathi kunodlame ngemali yokugibela amatekisi eFolweni.
Isolezwe lihoshe umoya wokuthi leli phoyisa elinguConstable elineminyaka elinganiselwa kwengu-30 lizingqokloze ngenhlamvu izolo ngabo-5:30 ntambama.
Kuthintwa amaphoyisa ngalesi sigameko izolo awathandanga ukuphawula, nakuba le ndaba bese ingundabuzekwayo emphakathini.
Kwenzeka lokhu nje kuthiwa bekugasele ithimba eliphenya ngamacala amaphoyisa, i-Independent Police Investigative Directorate, izolo emini laqoqa amagobolondo ezinhlamvu lapho kwenzeke khona isigameko kanti kukhona namalungu omphakathi azibonela kwehla isigameko abesekulungele ukubhalisa izitatimende abe ngofakazi.
Leli phoyisa lisolwa ngokudubula libulale uMxolisi Buthelezi (osesithombeni) obefunda u-Grade 9 eSiphephelo High odutshulwe ngesibhamu esikhulu i-R5 washonela endaweni yesigameko ngoMsombuluko ntambama.
Umphakathi uthi lalingazwile leli phoyisa ngelanga lesigameko okubikwe ukuthi laqale lasikaza ukuthela othulini ngenganono izithandani esezikhulile ezazibukela kubhikishwa zikwazo.
Umphakathi ubulokhu usola iphoyisa lendawo ‘elizibulele’ othe yilo elibulale uMxolisi limdubula ngenkathi kunezibhelu.
Ubesashaqekile ngesikhathi ethintwa yiSolezwe uSihlalo we-Community Policing Forum eFolweni uMnuz Dumezweni Mchunu othe: “ Selidume ledlula, kumenele u..(edalula igama laleli phoyisa).”
UNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana noMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu, ukugxeke wangahloniza ukubulawa kukaMxolisi odubuleke emhlane ngesikhathi amaphoyisa ehlakaza isixuku sabantu ebebebhikisha ngoMsombuluko emini.
Okhulumela uMchunu, uMnuz Kwanele Ncalane, uthi bese kusungulwe uphenyo olusezingeni eliphezulu obeluzocacisa kabanzi ukuthi ngubani obulale uMxolisi ngesikhathi kunombhikisho.
Uthe bekungamele kuze kufike ekutheni kube khona oshonayo nabalimalayo kulo mbhikisho.
“Asifuni kuphinde kube nesigameko esifuze lesi ngoba asamukelekile. Lowo ozotholakala ukuthi nguye obulele uMxolisi, uzobhekana kanzima nengalo yomthetho,” kusho uNcalane odlulise amazwi enduduzo emndenini wakwaButhelezi.
Kuze kwangenelela lo Mnyango obe nezingxoxo eziphuthumayo nezinhlaka ezithintekayo ngoLwesibili ebusuku kwavunyelwana ngokuthi imali inganyuswa kuze kuphothulwe izingxoxo ezizodonsa inyanga.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services