LIBUYELA phesheya iqembu lomculo wokholo elicula ngaphandle kwezinsimbi laseMlaza, Ithimba Le-Afrika, ebelisanda kuyonandisa e-United States of America.
Amalungu eqembu amemezele lokhu emcimbini obuseLa Vita Hotel lapho echaze khona ukuthi ahambe kanjani phesheya.
Elinye ilungu leqembu, uSandile Nala, udalule ukuthi bahambe kahle kakhulu futhi bathandiwe. “Sifikile uNkulunkulu wasihlenga ezweni langaphandle sakwenza ebesikuyele, sawenza umsebenzi. Umphumela walokho wukuthi siqashiwe, sizophinde sihambe ekupheleni kukaJanuwari emcimbini obizwa ngeBlack History Month. Siyobe sikhona e-Atlanta, hhayi eWashington DC lapho kade sikhona,” kusho uNala.
Uthe beyiThimba Le-Afrika abasibona abantu abasheshe badedele izindaba futhi bayakwazi ukuthula. Uhambo lwabo oludlule bathe babeluzwe ngoMashi 27 kodwa bathula kwaze kwaba yingasekuqaleni kwenyanga edlule.
“NgoMashi kunohambo esizoluthatha. Singase siqale e-India. Sizohamba izinyanga ezintathu. Okunye kuvele sikhona eWashington DC. Kukhona ifilimu esizoba kuyo nomfowethu uKendrick Lamar eyenziwa wubukhosi baseLiberia. Bayayithanda i-acapella. Esifuna ukukusho wukuthi singayibukeli phansi, yinto ethandwa kakhulu. Kubona kuyamangaza ukuthi ucula kanjani zingekho izinsimbi ezikwenza ukuthi unyakaze. Babona umlingo ngoba kubo bazi ukuthi kumele kube ne-keyboard nento ezokunikeza ukhiye. Thina sikwazi ukuthi avele aqale, simukele siphinde sidanse. Kubona kuyamangalisa ukuthi sithi sicula sibe sinyakaza .”
Babonge inkampani ebaphethe, Umusa Events & Productions. Umphathi wayo, uThanda Gumede, uthe kumele babe nesu lokuthi abaculi bangagcini ndawonye kodwa basabalale.