ISOLEZWE
UGordon Igesund.
MTHOKOZISI MNCUSENI
LIZOJULUKELWA ijezi kuBafana Bafana, ngokusho komqeqeshi waleli qembu omusha, uGordon Igesund (osesithombeni), owendlale izinhlelo zakhe okokuqala kusukela ethathe lo msebenzi awuthole ngokufakwa amasondo kukaPitso “Jingles” Mosimane ngenyanga edlule.
U-Igesund ukusho lokhu ngoMsombuluko ohlelweni lwebhola kuthelevishini lapho eveze khona nokuthi uzoqala ngokuvakashela osihlalo nabaqeqeshi bamaqembu adlala kuPremier Soccer League (PSL) ukwakha ubudlelwano nabo.
Okushiwo wu-Igesund mayelana nombango wejezi kuBafana yizindaba ezimnandi kwabaningi kwazise ugxekwe kakhulu uMosimane ngokubophela abadlali abathile ngisho kucaca ukuthi abekho efomini.
Muva nje uMosimane usebenzise uBongani “Model C” Khumalo kowakamuva iBafana ibhekene ne-Ethiopia kwacaca ukuthi akekho esimeni esifanele kwazise igoli lingene ngaye. Kwenzeka lokhu nje umdlali ofana no-Erick “Tower” Mathoho (oyidlale kahle yonke eyeBloemfontein Celtic ngesizini edlule) uduve ebhentshini.
“Ubudlelwano namaqembu e-PSL yikhona okumqoka kakhulu ukuze sigweme izimo lapho sekunabadlali esitshelwa ngemizuzu yokugcina ukuthi ngeke sibathole. Kuzosisiza nokuvakashela abadlali bethu abasemaqenjini aphesheya kwezilwandle. Sinabo abadlali esingabhubhisa ngabo izizwe kodwa bashoda ngolwazi lokuthi bangabamela bonke laba abadume umhlaba wonke,” kusho u-Igesund.
“Engikufu-nayo wukuthi abadlali bazi ukuthi ijezi bazolithola ngokuthi bangikhombise ukuthi bazimisele ukufela izwe. Ngeke ibe khona indaba yokuthi kube nabadlali abazi ngisho belele ukuthi basesikimini. Bonke abadlali abanenkontileka namaqembu e-PSL banethuba elifanayo lokudlalela izwe, inqobo nje uma bezongikhombisa ukuthi bakulungele ukudlalela izwe.”
Ebuzwa ngokungalindeleka emdlalweni wakhe wokuqala ephethe izintambo ozodlalwa neBrazil kuleliya lizwe ngoSepthemba 7 uthe: “Akufanele abathandi bebhola kuleli balindele umlingo kodwa ngiyakuthembisa ukuthi sizodlala ngendlela ezobenza baziqhenye. Okusemqoka kakhulu kithina yimidlalo ye-Africa Cup of Nations (Afcon). Lapho ngeke sibe nalo ithuba lokucasha ngesithupha kwazise siyokube sesibe nesikhathi esanele siziqeqesha ndawonye.”
Akazange akufihle ukujabula kwakhe ngothando nokwethenjwa akukhonjiswe abantu bakuleli bempintshela iSafa ekhoneni ukuthi imqashe.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services