Lugqemeke udume Usuthu lushiywa nguMatatazela

Comment on this story
no jemusi Gallo Images OBEYIMENENJA yaMaZulu uJames Dlamini (kwesokunxele) enoFanie Madida oyiphini lomqeqeshi oSuthwini ngesikhathi leli qembu liziqeqesha eMoses Mabhida Stadium ngenyanga edlule. Isithombe: GALLO IMAGES

AMAZULU agqemeke ingozi engeqiwa ntwala ngesikhathi imenenja yawo uJames “Matatazela” Dlamini obesewe evuka nawo amasizini amaningi anzima azisa abaphathi ukuthi ngeke esaqhubeka nokusebenzela leli qembu ngokuqala kwesizini ezokwethwasa.

Isolezwe lithole ukuthi uDlamini ufake incwadi yokwesula ngoMsombuluko bayamukela abaphathi boSuthu.

Ukusula kwalesi sikhulu kuqinisekiswe uPhilani Mabaso wezokuxhumana kuleli qembu elizama ukungena kuTop 8.

“Sesiyitholile incwadi yakhe yokwesula sayamukela. Uzosishiya ekupheleni kwenyanga. Simfisela konke okuhle empilweni yakhe futhi simfisela inhlanhla lapho eya khona. Uhlale neqembu ngezikhathi ezinzima futhi ulisebenzele ngokukhulu ukuzikhandla. Ubenganqeni ukusebenza nangesikhathi sakhe. Sijabule ukuthi uhambe kahle kungaxatshenwe,” usho kanje uMabaso.

UDlamini obevamise ukuthwala kanzima (yinhlamba yabalandeli) uma izinto zingahambi kahle ubehlala kuleli qembu ngisho sebelibeka ngembaba (abalandeli) ukuthi abamfuni. Bekuthi ngisho iqembu lidliwa yizembe uDlamini ahambe nalo lize libuye.

Ethintwa yileli phephandaba, uDlamini ukhombise izimpawu zokuthuka ukuthi lolu daba selufike kwabezindaba kodwa wavuma ukuthi useyifakile incwadi yokwesula.

“Kuliqiniso ukuthi sengisulile oSuthwini kodwa engithanda ukukucacisa ukuthi akukho ingxabano ebe khona. Njengawo wonke umuntu nami ngiyathanda ukukhula kwengikwenzayo ngakho-ke uma ithuba liqhamuka bengingeke ngiliyeke. Engithanda ukukuqhakambisa ukuthi Usuthu luyohlale lunendawo ebalulekile enhliziyweni yami. Konke engikwaziyo namuhla ngikufunde khona kuleli qembu ngakho-ke ngiyohlala ngilithanda futhi ngiyoze ngingene egodini ngibahlonipha abaphathi balo ngethuba abanginike lona,” kusho uDlamini.

Lesi sikhulu asikaze sikufihle ukuthi sinesifiso sokukhulisa igama nolwazi lwaso ekuphathweni kwebhola kuleli njengoba sibe neqhaza esilibambile nangesikhathi kunemidlalo yeNdebe yoMhlaba kuleli ngo-2010.

Yize uDlamini engazange aphumele obala ngalapho eya khona kodwa abazazi kangcono izindaba bamkhomba komakhelwane boSuthu, iLamontville Golden Arrows.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.