Advertisement
X

Lukhuza ibuya uhlelo lwama-90s

DELI MNCWABE noBONISWA MOHALE

SIPHELILE isomiso sezinhlelo zezingxoxo kuthelevishini ezididiyelwe kuleli njengoba u-SABC 3 umemezele ukukhuza ibuya kohlelo olwaludlisa ngama-90’s.

THAMI Ngubeni. Credit: PR Handout

Uhlelo iPeople of The South olwethulwa nguDali Tambo lubuya ngo-Agasti nonyaka, lubuya nje sekuphele iminyaka eyevile kweyishumi lwanyamalala.

Lezi zindaba zivele ngoLwesibili ebusuku emcimbini wokwethulwa kwezinhlelo ezintsha kwa-SABC 3 obuse-Hyatt Hotel, eRosebank, eGoli.

Ngokusho kwabakwa-SABC 3, lolu hlelo lusazohanjelwa ngosaziwayo bezinga elicokeme nabantu abasematheni eNingizimu Afrika abanemibono namava emphakathini.

Luzoqala ngo-Agasti 12 ngo-8.30 ebusuku kanti luzobe lukhiqizwa nguDali Tambo aphinde alushayele.

Bekungakacaci okwamanje ukuthi luzodonsa isikhathi esingakanani nokuthi luzoshuthelwa kuphi njengoba abadidiyeli befuna ukumangaza ababukeli.

Lolu hlelo lwaluthandwa kakhulu ngama-90’s ngoba lwaluletha osaziwayo nezithandwa zabaningi.

Akwaziwa ukuthi izivakashi zisazoqhubeka yini nokuhamba nemicamelo emincane (cushion) njengoba kwakuwuphawu lwakhe ngaleyo minyaka.

IPeople of the South yayithakaselwa yizo zonke izinhlanga zakuleli ikakhulukazi izalukazi zabelungu ezazizifela ngoDali, oyindodana lalowo owayenguMengameli we-ANC uMnuz Oliver Tambo noNkk Adelaide Tambo bobabili abangasekho.

Kulo mcimbi kubuye kwamenyezelwa ukuthi umsakazi weMetro FM wohlelo oluvuselela abantu iSacred Space, uThami Ngubeni uzoba nohlelo iLife with Thami.

Ukufika kwalolu hlelo kuzohambisana nomkhankaso wokugubha inyanga yabesifazane njengoba luzoqala ngo-Agasti 4.

SHOW ALL
Advertisement