Luphelile usizi befakelwa ugesi

Comment on this story
UGESI 2 SLINDILE MALULEKE UNkk Alvina Latha waseKwandeni, ngphandle kwaseMpumalanga ovulelwe umuzi wesibonelelo ngeSonto ngesikhathi kukhanyiswa ngokusemthethweni ugesi kule ndawo. Ngemuva kwakhe yikhansela uMnuz Nkosiphendule Dlamini neMeya kuMasipala weTheku uMnuz James Nxumalo. Isithombe: SLINDILE MALULEKE

MLUNGISI GUMEDE

WESULWE izinyembezi zeminyaka umphakathi waseKwandeni owakhe ngaphandle kwelokishi laseMpumalanga ngemuva kokufakelwa ugesi okokuqala empilweni yawo.

Lo gesi wamakhadi uvulwe ngokusemthethweni ngempelasonto. Lo mphakathi ubusebenzisa amakhandlela, abanye besebenzisa ugesi wezinyokanyoka iminyaka engaphezu kwengu-20 ngesikhathi besalinde ukuthola usizo.

Amakhansela amabili e-ANC elinye elingasekho emhlabeni uMnuz Fashi Ngcobo noMnuz Njabulo Ntanzi ehluleka ukufakela lo mphakathi ugesi ngoba ethi indawo ohleli kuyo ayiveli kwibalazwe likamasipala.

Lolu sizi lweminyaka abantu bengenawo ugesi beluhambisana nezigameko ezimbi njengoba ugesi womkokotelo ukule ndawo usubulale abantu nemfuyo.

Esinye sezigameko esikhumbulekayo wukushona kwengane encane eyashaywa wugesi womkokotelo ngesikhathi ibelethwe ngudadewabo.

Ilungu lo mphakathi, uMnuz Thinabantu Gwala, lithe bese belilahlile ithemba lokuthi bayoke bafakelwe ugesi.

“Kade kwasa kudlalwa ngathi kuthiwa ngeke sifakelwe ugesi ngoba indawo yethu ayiveli,” kusho uGwala.

Elinye ilungu lomphakathi, uMnuz Sanele Mgwaba, lithe okubuhlungu wukuthi baningi asebeshonile belwela indaba kagesi abangeke besakwazi ukuthokoza kanye nabo njengoba uze wafakwa.

Ikhansela lendawo, uMnuz Nkosiphendule Dlamini, lithe bekuhlale kuyisilonda kulona ukubona abantu baseKwandeni bengenawo ugesi, lazitshela ukuthi uma likhethwa njengekhansela lizoqala ngabo libasize.

UDlamini ubonge umphakathi waseKwandeni ngokubekezela wangasebenzisa udlame ukuphoqa ukuthi ufakelwe ugesi.

“Ngifisa ukuthi nabanye bakwezinye izindawo bafunde ukuthi kuyabekezelwa uma ulinde intuthuko,” usho kanje.

Ngaphandle kukukhanyisa ugesi, uDlamini uvule nomuzi wesibonelelo ohlonyulwe wumndeni wakwaLatha ngemuva kokuthi umuzi wawo wabhidlizwa yizikhukhula.

IMeya kaMasipala weTheku, uMnuz James Nxumalo, ibongele umphakathi waseKwandeni wathembisa ukuthi kuningi osazokuzuza ezinhlelweni zentuthuko. UNxumalo uthe okunye abazokulungisa wukukhanyisa imigwaqo ngenhloso yokunciphisa izinga lobugebengu.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.