FANELESIBONGE BENGU
S EKUYINDABA eyaziwayo ukuthi iziteshi, kulesi sikhathi samanje, zilanda osaziwayo ukuthi babe ngabasakazi bazo ngethemba lokuthi bazoza nabalandeli babo abazogcina sebelalela lowo msakazo.
Baningi osaziwayo abasebenza eziteshini ezehlukene njengoBonang Matheba, Lerato Kganyago, Pearl Thusi noPearl Modiadie bonke beMetro FM, Zuluboy kuKhozi FM nakwezinye iziteshi.
Lokhu akusiyona into embi inqobo nje uma lowo saziwayo ekwazi ukusakaza.
Kodwa ngisakholelwa ekutheni neziteshi kumele zizakhele abazo osaziwayo abazoba ngamanxusa esiteshi. Ngikhuluma ngomuntu ozothi uma eqhamuka kume yonke into abantu befune ukushutha naye.
Lokho kungasiza nasekutheni abantu abangamazi bafune ukwazi ukuthi wenza ini bese belangazelela ukuyomlalela emsakazweni, ngenhloso yokuzwa ukuthi yini le emenza athandwe kangaka. Lapho phela kunyuka izibalo zabalaleli okuyinto ebhekwe yiziteshi ezahlukene.
Ngesikhathi ngikhula, uma kuqhamuka uLinda Sibiya kwakuvele kube ngathi Ukhozi ngilubona ngamehlo. Into eyayimenza adume kangaka kwakuba yizinto ayezenza emphakathini ngaphandle komsakazo njengokufundisa abampofu, aphinde enze umjikelezo wokugqugquzela abafundi ezikhungweni zemfundo ephakeme iMagic Tour.
Lokhu kuyisifundo nakwabanye abasakazi ukuthi, ngaphandle komsakazo, kumele kube khona izinto ezibenza basondelane nabantu. Angithi uzokhumbula ukuthi uma udumile, izinkampani ezizimele azinqeni ukusebenzisana nawe ngokuthi mhlawumbe ube yinxusa lemikhiqizo yazo.
Njengamanje umuntu engibona engathi uyintandokazi oKhozini wuTshatha Ngobe, othi uma eqhamuka kuhlanye abantu. Ngaphandle kwethelevishini, njengoba eke wethula i Roots kuSABC 1, kodwa into emenza athandeke kubantu wukuthi lapho efika khona ungena khaxa. Kubantu bakamasikandi uyathandeka ngoba uyawazi, i-hip hop uyayazi, ikwaito uyayazi. Ngisho ungambeka namakholwa ngeke abe nankinga ngoba iBhayibheli uyalazi. Inselelo engimphosela yona wukuthi asike simbone esiza abantu ukubathuthukisa ngendlela angasiza ngayo esebenzisa udumo lwakhe.
IGagasi FM ngicabanga ukuthi lingathembela kuNomalanga Shozi ukuthi abe nguye usaziwayo wesiteshi. Ngaphandle nje kokuthi usemncane ngokweminyaka, njengoba ena-20, kodwa ikusasa lakhe libukeka liqhakazile. Ngike ngambona kuSupersport 4 ngesikhathi kudlala owamanqamu eMoses Mabhida Stadium phakathi kweKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns. ISupersport yayicele yena ukuthi abe ngumethuli wohlelo lokuyokhuluma nabantu ababebukela umdlalo eMax’s Lifestyle, eMlazi.
IGagasi kumele lizikhulisele yena kuthi uma sebebona ukuthi usevuthwe ngokwanele bamfake ohlelweni oluzomenza asondelane nabantu njengoba okwamanje esangena ebusuku.
Ungangibhalela ku: [email protected], ku-Twitter @fanelebengu noma ku-Instagram @fanelebengu