SIMPHIWE NDWANDWE
UFAKAZI wombuso izolo utshele iNkantolo yesiFunda eThekwini ukuthi wababona yena siqu abanye babamangalelwa bephosa ukhonkolo emgwaqweni u-N3 bemi phezu kwebhuloho ecaleni lokubulala nokucekela phansi impahla elibhekene nabafana abathathu baseBonella kuleli dolobha.
Amabhungu amathathu aneminyaka engu16, no-17 bese kuba ngu-Lucky Leon Khumalo (18) abekwe icala lokubulala nokucekela phansi impahla elenzeka ngoNovemba 2, 2010.
Ethula ubufakazi kule nkantolo, uNksz Thandeka Faith Ngema, oyiphoyisa likaMasipala weTheku, uthe wabona umsolwa wesibili, ongeke adalulwe ngenxa yeminyaka yakhe, egamanxe ku-Candella Road Bridge ephosa itshe phansi. Uthe laba abanye babebukela ngesikhathi lona ejikijela itshe phansi.
Utshele inkantolo ukuthi ngesikhathi ebamemeza ekhuza le nto abayenzayo ababili babaleka kwasala umsolwa wesithathu naye owaphosa itshe maqede wajoyina laba abanye sekubalekwa.
Uthe watshelwa ngumakhelwane wakhe oweza emzini wakhe wazomazisa ukuthi kunabantu abajikijela amatshe phansi emgwaqweni bemi ebhulohweni wabe esenikela khona.
Ehlatshwa ngemibuzo nguMshushisi, uMnuz Mohamed Hassim, mayelana nokuthi wazi kanjani ukuthi kunabantu abaphosa amatshe emgwaqweni uthe kwafika umakhelwane wakhe ezomtshela wabe esenikela khona nalapho azibonela yena abamangalelwa benza icala.
Ngaphambi kokuba kufike umakhelwane uthe wahlangana nabamangalelwa esangweni engena kwakhe ephuma emsebenzini ngezithuba zehora lesithupha ntambama wababona ukuthi bangobani ngoba usenesikhathi ehlala kule ndawo kusuka ngo-2005.
Uthe akaze anake ukuthi kukhona okungase kwenzeke ngoba wayebazi abamangalelwa futhi kungekho okusolisa ngabo.
Ummeli kammangalelwa wesibili noKhumalo ubuphikisile ubufakazi obethulwe nguNksz Ngema wathi laba bazotshela inkantolo ukuthi babengekho lapho kuthiwa babekhona kodwa babevakashele kwamngani wabo uKeegan. UNksz Ngema uthe lokho kuzobe kungamanga ngoba wababona kahle abasolwa.
Ngesikhathi ethula ubufakazi ubebuye agamanxe ebhokisi alenge ekhombisa ukuthi ummangalelwa wesibili wayegamanxe kanjani ebhulohweni ngesikhathi ejikijela itshe emgwaqweni. IMantshi uMnuz Thomas Nhleko ibilokhu imxwayisa ukuthi ayeke ukuchaza undendene esikhundlweni sokuphendula umbuzo obuziwe bese eyathula.
Ngaphambi kokulalelwa kobufakazi bukaNksz Ngema kuqale kwafakaza uMnuz Solomon Kandroyen ogcizelele ukuthi wabona abamangalelwa bebaleka emuva kokuba kuhlatshwe umkhosi.
Umbuso uthi abamangalelwa bajikijela amatshe emgwaqweni onguthelawayeka u-N3 okwaphetha ngokuthi kulimale uNksz Siphesihle Zola Zuma (18) owagcina eshonele esibhedlela. Kule ngozi kwangena ukhonkolo ewindini le-Mercedes Benz lashaya kabi uNksz Zuma esifubeni. Imoto yayishayelwa nguNkk Getrude Mankaba. Icala liqale ukuqulwa ngoLwesibili. lizobuyela kule nkantolo ngo-Okthoba 16 lapho kulindeleke ukuthi umbuso ubize udokotela owahlola umufi.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services