Ngabe uNgubane ubuyela kuThanda?

Comment on this story
no ngubs prof Gallo Images NGUMLUNGISI "Professor" Ngubane okuvela ukuthi angase athathe isikhundla sikaNeil Tovey kuThanda Royal Zulu esazogijima kuNFD. Isithombe: GALLO IMAGES

XOLANI SHEZI noMINENHLE MKHIZE

UKUMENYWA kukaMlungisi “Professor” Ngubane ukuthi ahlolele iThanda Royal Zulu ikhono elisha kuqinisa amahlebezi okuthi nguyena ozothatha isikhundla sikaNeil “Mkhukhu” Tovey omataniswa nowokuba yiphini likaGordon Igesund kuBafana Bafana.

Isolezwe lihabule lezi zindaba ngesikhathi lithamele umqhudelwano wezikole iKay Motsepe Cup eRichards Bay Sport Complex ngempelasonto.

UNgubane ubonakale ehamba nesinye sezikhulu zeThanda kule midlalo.

Eshayelwa yileli phephandaba uNgubane uthe: “Isinqumo ngomqeqeshi omusha weThanda besingakenziwa. Usihlalo ungicele ukuthi ngizomenzela inhlolokhono yabadlali ngoba ukuqonda kahle ukuthi ikhono labafana baKwaZulu-Natal afuna kugijinywe ngabo ngesizini ezayo, ngiyalazi. Ukuhlolwa kwabadlali abasha kuzokwenziwa ngoLwesithathu oluzayo.”

UTovey kubikwa ukuthi nguyena ozomenyezelwa njengephini lika-Igesund osanda kuqokwa njengomqeqeshi omusha weBafana.

UNgubane kuyimanje akanaqembu ngemuva kokushiya ku-Atlie FC egcine igawulwe yizembe. Ngo-2010/2011 uNgubane ukhonjwe indlela kuThanda kulandela ukuhluleka wukufaka leli qembu kuPremiership.

“Ngifuna ukubongela uRoger Sikhakhane ngomsebenzi omuhle awenzele iChippa. Ngesikhathi ngitshela uMpengesi (Siviwe) ukuthi akamqoke ukuthi avale isikhala sami ngangazi ukuthi yini angayenzela iqembu,” kusho uNgubane.

IThanda ihluleke yancama ukuzibekisela indawo ku-Absa Premiership okuyiphupho labaphathi baleli qembu eliyithemba leKwaZulu-Natal.

Kuthintwa uPerrie Delvuax ongusihlalo weThanda ucele ukuthi ashayelwe ntambama.

UTovey usanda kutshela leli phephandaba ukuthi uwubheke ngabomvu owokucija iBafana uma ithuba liziletha kuyena.

Ubekhona ngesikhathi iSafa ihlola abaqeqeshi abahlanu okubalwa kubona u-Igesund ogcine edle umhlanganiso, uSteve Komphela okubikwa ukuthi uzoba yinhloko yosomaqhinga, Gavin Hunt no-Ephriam “Shakes” Mashaba.

UPeter Koutrolis oyimenenja yeThanda ebuzwa ngezindaba zikaTovey nekaNgubane uthe yinto ayeshwamayo.

“Thinta iSafa iyona ezokunika into okuqondile. Njengamanje usengumqeqeshi wethu, akukho asisakuthole kuSafa. Kungakuhle uthinte nosihlalo uDelvuax. EkaNgubane angiyazi,” kusho lesi sikhulu.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.