.
UMNDENI ka-Bobby emngcwabeni wakhe. le nsizwa yaboshelwa icala engalenzanga yaze yadedelwa ngesikade emva kokukhala ngoshwele isikhathi eside
UHLELO lwezindaba ezisematheni noluphenya kanzulu ngezinkinga ezibhekene nomphakathi iSpecial Assignment, oludlala ku-SABC 3, kusasa, ngo-9 ebusuku luzobe ludingida udaba olubucayi lweziboshwa ezigulayo.
Okwenza lube bucayi lolu daba wukuthi kuzobe kukhulunywa ngesiboshwa esangena ejele ngecala esingalenzanga.
Abe-Special Assignment bazokwenza udaba luka-Bobby Lepeng owangena ejele ngo-2008 waze wacishe wafela khona yize ayecele ushwele wokugula.
Ngokusho kwabe-Special Assignment udaba luka-Bobby luyisibonelo sokuthi ziningi iziboshwa ezifela ejele yize zisuke zigula ngempela kodwa zingawutholi ushwele wokugula.
Umbuzo omkhulu ngowokuthi ngabe ushwele wokugula usiza bonke yini abawufanele?
Lesi siqephu sanamhlanje sinesihloko esithi Trapped in the Chambers sizodlala ngo-9 ebusuku ku-SABC 3.
UBOBBY Lepeng waze wakhokhobala ukugula ngenxa yokunikezwa usizo lwezempilo ejele
.
Akungatshazwa ukuthi baningi abazosithokozela isiqephu sanamhlanje kwazise udaba lukashwele wokugula lusematheni.
Kukhona iziboshwa eziba ngcono uma zike zadedelwa ejele kanti kukhona ezingadedelwa ezifela ejele.
Lokhu kudala ukudideka okukhulu ngoshwele wokugula njengoba kungasaqondakali ukuthi ngumuntu ogula kanjani okumele awuthole.
Le nsizwa yahlaliswa neziboshwa ezigulayo futhi ezibhemayo yase iphathwa yisifo sofuba.
Yize yacela ukuba izikhulu ziyishintshe iyohlala kwenye indawo engenabo abantu ababhemayo, isicelo sayo sashaywa indiva.
Eminyakeni elandelayo uBobby wayelokhu ephuma engena esibhedlela sasejele ephethwe i-TB.
UBOBBY Lepeng ushone enenyanga eyodwa vo ededelwe ejele yize kwase kuphele iminyaka ecela ushwele wokugula
.
Ngokuhamba kwesikhathi wangeniswa ezibhedlela zikahulumeni ukuze ayothola usizo.
Wazama ukucela ukuba adedelwe njengoba kuye kudedelwe ezinye iziboshwa ezisuke zigula kodwa odokotela basejele babengahambisani nalokhu.
Kwathi uma kungasebenzi lokhu uBobby wazama ukuthi izimantshi ziguqule isigwebo secala ayengalenzanga.
Kuthe ngoDisemba ngonyaka odlule saphumelela isicelo sakhe.
Inkantolo eNkulu yanquma ukuba adedelwe ejele.
Konke lokhu kufike sekwedlule isikhathi njengoba uBobby wayesegula kakhulu elaliswe esibhedlela i-Helen Joseph.
UBobby washona enenyanga eyodwa nje vo ekhishwe ejele. - INTATHELI YESOLEZWE
|
|
Services