MINENHLE MKHIZE noMTHOKOZISI MNCUSENI

IYAVUTHWA indlela yesilomo seBafana Bafana uTsepo “Chester” Masilela ebheke kuKazier Chiefs ngemuva kokubonakala kwakhe eyisicukuthwane egunjini okuhlala kulona izimenywa eziqavile zaleli qembu ngeSonto libhekene neMamelodi Sundowns koweMTN 8.

Nakuba engekho ofuna ukuphumela obala ngalokhu ngoba “kusaxoxwa” kodwa indlela uMasilela abehleli ngayo noJimmy Tau benoSiphiwe Tshabalala abangazange badlale koweSundowns ngenxa yokulimala isidwebe sacaca isithombe sokuthi lo mdlali usendleleni ebheke eNaturena.

Ngokusho kwemenenja yalo mdlali usengoweMaccabi Haifa yakwa-Israel kodwa leli qembu alikufihli ukuthi akekho ezinhlelweni zalo njengoba nesikhala sakhe sesivalwe ngomunye umdlali ongowokufika kulona.

UMike Makaab wePro-Sport International okunguyena obhekele izindaba zalo mdlali uyakuphika ukuthi uya kuChiefs kodwa uyakuvuma ukuthi kusengenzeka agcine edlala kuPremiership okuyinto eshiya imibuzo.

Nomqeqeshi weChiefs uStuart Baxter uqome ukukhwela adilike entathelini yaleli phephandaba ebuzwa ngoMasilela kodwa angaxolelwa nokho kwazise ubesadidwe yisibhaxu sika 4-1 ebesivela kuSundowns kuMTN 8.

UMasilela ngesonto eledlule utshele leli phephandaba ukuthi ukhathazekile ngesimo azithola ebhekene naso sokungabi naqembu ekubeni sekubalwa izinsuku ngaphambi kokuthi kuqalwe imidlalo yeligi emazweni ahlukene.

Phakathi nesonto bekusabalele izindaba zokuthi uMasilela kungase kuphele leli sonto esengumdlali weChiefs.

“Ungumdlali weHaifa futhi usasalelwe yinkontileka yonyaka nayo. IChiefs ike yasithinta phambilini ikhombisa intshisekelo yokusayina umdlali kodwa kwakhona esingavumelani ngakho, ibingakaze iphinde isithinte,” kusho uMakaab.

IChiefs ibophele uKeegan Ritchie noJimmy Jambo ngakwesokunxele emuva okuyibona kuphela abangadlali kuBafana odongeni lwaMakhosi njengamanje.

“UTsepo akathandi ukubuya ngoba usafuna ukudlala phesheya kodwa lokho akusho ukuthi ngeke adlale kuleli uma kungathiwa asilitholi iqembu. Njengoba eseluleme ngokugcwele ngiyethemba ukuthi iqembu sizolithola maduze phesheya,” kusho uMakaab.

Ngesizini edlule leli nxele beligijima kuGetafe ebelibolekiswe kuyona kuze kuphele isizini. Udlale kahle kakhulu yize ebebuye aphazanyiswe wukulimala.

Selokhu uMasilela aqala ukudlala ebholeni elikhokhelayo akakaze agijime esigabeni esikhulu kuleli wagcina kuNational First Division (NFD).