Advertisement
X

Ngake ngathwala kanzima: usosayensi

INTATHELI YESOLEZWE

USOSAYENSI wakuleli uthi indaba yokuphika igciwane lengculazi eyaqalwa yilowo owabe enguMengameli wezwe uMnuz Thabo Mbeki yaba wumzuzu onzima kakhulu kuyena selokhu aqala ukusebenza. Lokhu kuvezwe wumbiko wephephandaba iCape Times.

Mnuz Thabo Mbeki. Credit: INLSA

UNkk Carolyn Williamson, oyinhloko eNyuvesi yaseKapa ophikweni iMedical Virology, ethula inkulumo izolo kule nyuvesi uthe ukukhuluma kanjena kukaMbeki kwenza umsebenzi wakhe waba nzima kakhulu.

Uthe: “Kwakukhathaza ngoba siphila emhlabeni lapho abantu bezibuza beziphendula ngalokho okuyiqiniso nokungeyikho.”

UWilliamson uthe kunabantu abathi alikho igciwane kanti abanye bayavuma ukuthi likhona kodwa bayaphika ukuthi lidala ingculazi. Uthe uMbeki noDkt Manto Tshabalala-Msimang, ongasekho owayenguNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke ngaleso sikhathi, babengo-bhongoza bokungakhulumi okuqondile ngaleli gciwane.

SHOW ALL
Advertisement