ZANELE MTHETHWA
A BANIKAZI bama-meter taxi bathi ngeke bayehlise imali kubagibeli phezu kokuba sekunokuncintisana nenkampani i-Uber ebiza kancane abafuna ixoshwe.
UMnuz Sizwe Mvubu okhulumela i-KZN Meter Taxi Alliance utshele Isolezwe ukuthi ngeke bahlehlele emuva ngoba abafani ne-Uber ekuleli ngokungemthetho.
NgoLwesine olwedlule bahambise izikhalo kuMasipala weTheku befuna kuxoshwe i-Uber. Bakhale ngokuthi le nkampani okuthiwa yasungulwa nguMnuz Travis Kalanick noMnuz Garett Camp baseMelika ibiza uhhafu wemali abayibiza abagibeli.
Kuvele ukuthi okwenza abagibeli bathutheleke kwi-Uber wukuthi iyashesha ngoba konke kwenziwa nge-internet.
“Ngeke siyehlise imali yokugibela ngoba sinezindleko, sikhokhela izimvume silandele nemithetho.
“Bona abakhokhi lutho kuphela nje bandisa izimoto. Noma sifisa ukwandisa amatekisi kunzima ngoba kumele silandele imithetho ethatha isikhathi. Okubi wukuthi abashayeli be-Uber ngabantu abangekho ebhizinisini lama-meter taxi kodwa baneminye imisebenzi. Thina sidla ngalo leli bhizinisi,” kusho yena.
Kuthiwa izimoto zakwa-Uber sezingaphezu kuka-300 eThekwini ngoba noma ngubani onemoto uyakwazi ukungena ngaphansi kwalolu hlelo.
Kuvela ukuthi abanye baqasha izimoto ukuze babhalise ku-Uber bathole abagibeli.
UMvubu uthe abakwa-Uber bababulele ngoba ibhokile indlala ngenxa yokuthathelwa ibhizinisi.
“Kumanje kuzoba nengqungquthlea yeTourism Indaba ebesidla ngayo kodwa asisatholi lutho. Amakhasimende ayaziyeka izimoto zethu ziklelile, alinde ezakwa-Uber.
“Sesisola nokuthi uhulumeni ucheme no-Uber ngoba kumanje zingaphezu kuka-20 izimoto zethu eziboshiwe kodwa u-Uber uyayekwa. Uma sibuza kwaMasipala bathi abakwazi ukubopha ezika-Uber ngoba azibhaliwe,” usho kanje.
Abama-meter taxi banqumele uMasipala izinsuku ezingu-14 ukuthi aphendule izikhalo zabo ngale kwalokho bazohlangana nabashayeli bamatekisi emashini kazwelonke.
UMnuz Desmond Myeza, owamukele incwadi yezikhalo, uthe bazoyidlulisela kuNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu.
Nokho abakwa-Uber bathi bazimisele ukuqhubeka nebhizinisi kuleli.
Esitatimendeni esithunyelwe iphephandaba, uMnuz Alon Lits oyiMenenja Jikelele ye-Uber Sub-Saharan Africa, uthe zivuliwe izandla zabo nakwabama-meter taxi ukuthi babalandele.
“Ubuchwepheshe obusetshenziswa u-Uber buvuleleke kunoma ubani futhi sizimisele ukubudlulisela nakuma-meter taxi ukuze benze inzuzo kangcono.
“Bakhona nabanye asebejoyinile kulobu buchwepheshe futhi sibalindele nabanye abafunayo.
U-Uber uhlose ukuthi kube lula ukuhamba nokuxhumana nabantu ngokuciphiza ibhathini kuphela,” kusho uLits.
Isolezwe lithumele eminye imibuzo kwathiwa ongumxhumanisi kwa-Uber usahambile kuleli.