CELANI SIKHAKHANE
I-NFP isiyazisola ngobudlelwano eyangena kubo ne-ANC komasipala abawu-19 KwaZulu-Natal ngo-2011.
Isifunge yagomela ukuthi emuva kokhetho oluzayo ayizimisele ukuthi iphathe imikhandlu nelinye iqembu uma iphumelela.
Lokhu kuvele ngesikhathi abaholi bayo bezungeza idolobha laseThekwini izolo begaya ivoti kubantu, bebathembisa nokuthi kumele bafike embuthanweni wokwethula umhlahlandlela wayo wokhetho ozoba ngoMgqibelo ukuzozizwela ezinye zezinto ezizobe zikhulunywa nguMengameli wabo, uNkk Zanele Magwaza-Msibi.
I-ANC eKZN, ngomlomo kaMnuz Mdumseni Ntuli, ithe uma iNFP ikhuluma kanje kusho ukuthi isifuna ukuphuma kuhulumeni izimele njengeqembu elibusayo.
Uthe: “Nakuba ubudlelwano bethu komasipala bube nezinkinga ezintweni esasivumelene ngazo kodwa asikawudwebi umugqa obomvu wokuthi ngeke sisaphinde sisebenzisane nabo uma kwenzeka kuba nomasipala abadinga kubanjiswane kubo.”
USihlalo weNFP, Mnuz Maliyakhe Shelembe, uthe komasipala abebebambisene kubo ne-ANC bazithole bebukeleka phansi ngenxa yokuthi ibisuke inezinhloso zayo abangazazi.
“Sidelile ngokusebenzisana esibe nakho ne-ANC, ngakho asifuni ukuphinda lelo phutha lokubambisana nenye inhlangano uma kudlula ukhetho kodwa sifuna ukuziwinela ingcaca ngaphandle kokudinga ukubambisana nabanye. Komasipala esiphethe kubo ngokubambisana izinto kazihambi kahle nabantu bahlale bekhala ngentuthuko kodwa lapho esiziphathele khona sisodwa njengaKwaNongoma, Dumbe nasoPhongolo akunazinkinga. Ngakho sifuna ukuphuma kulobu budlelwano uma kufika ukhetho siziphathele sodwa,” kusho uShelembe.
Ubuye waphawula ngamakhansela asebashiyile ajoyina ezinye izinhlangano wathi bona kabanandaba nawo ngoba abevele evilapha futhi abethanda izikhundla.
UShelembe ubehambisana nesigungu seqembu okubalwa kuso uNobhala Jikelele uSolwazi Nhlanhla Khubisa, ilungu lePhalamende uMnuz Scelo Mabika, umholi wentsha uMnuz Sbu Mncwabe, nabanye.
UShelembe uqhube wathi uma abantu bengakukholwa akushoyo kumele babheke ukuthi amakhansela noma abaholi abalaxaze iNFP abekho yini ohlwini lokuba ngamakhansela okufoloswe ngawo emaqenjini asebewajoyinile.
“Sebefike emaqenjini abawajoyinile bathatha indawo yabantu abakade babakhona. Sekuyibo osekufoloswa ngabo nokufakazela ukuthi bashiya iNFP ngoba bebona ukuthi abazukuqokwa njengamakhansela,” kusho uShelembe.
I-NFP yasungulwa ngo-2011 yangenela ukhetho lohulumeni basekhaya nolukazwelonke ngempumelelo, kodwa izinto kazihambi kahle ngoba kuyaliwa kubangwa izikhundla. abanye bagcina sebenukwa ngokufa kwabanye abaholi ngaphakathi.
Ngaphandle kwalokho komasipala abawu-19 iNFP eyayibambisane kubo ne-ANC kugcine ngokuthi abahlanu babuyele ku-IFP. Phakathi kwabo kubalwa iNkandla, Mthonjaneni, Hluhluwe (Big 5 False Bay), Ntambanana nowaKwaHlabisa.