MALIBONGWE MDLETSHE
A ZISHO lutho kukaputeni wamaSharks uKeegan Daniel (osesithombeni) izibalo eziza nemidlalo yokugcina yamaphuzu yeVodacom Super Rugby ezoba ngempelasonto.
Lo mdlali uthe akayingeni eyokuthi kumele baqoqe amaphuzu amane kuphela emdlalweni wangoMgqibelo ukuze bezogwema umqansa wokubhekana namaCrusaders eNew Zealand kowokuhlunga.
UDaniel uthe bazimisele ngokubuya nawo womahlanu amaphuzu kumaCheetahs abazobhekana nawo emdlalweni wokugcina wamaphuzu eMr Price Kings Park Stadium ngoMgqibelo ngo-5 ntambama.
“Kumele siwine umdlalo kuqala ngaphambi kokuthi sicabange ngomdlalo olandelayo ukuthi unobani futhi ukuphi. Asiyingeni eyokuthi sizodlala ngezibalo ngoMgqibelo siwafuna ephelele amaphuzu ngoba empeleni kusengenzeka noma yini,” kusho uDaniel.
AmaSharks abambene namaBulls ngamaphuzu angu-54 kodwa iqembu laseThekwini lisendaweni yesithupha ngemuva kwelasePitoli lona elisendaweni yesihlanu ngenxa yokuthi seliqoqe amaphuzu amaningi.
Endaweni yesikhombisa kukhona iReds enamaphuzu angu-53 kodwa eyingozi njengoba isinqobe imidlalo eyishumi ekubeni amaSharks esanqobe eyisishiyagalolunye.
Ngenxa yokuthi alikho iqembu elibuyayo eCrhistchurh, ekhaya lamaCrusaders, aseyinqobe kayisikhombisa iSuper Rugby, akekho ofuna ukuyodlala umdlalo wokuhlungela i-semi final eNew Zealand naleli qembu.
“Nakanjani wonke umuntu angathanda ukuyodlala eSydney kunokuya kumaCrusaders kodwa lo mdlalo wangoMgqibelo ngowokugcina wethu sisekhaya. Ngeke siyeke ukushaya ama-try nokucosha amaphuzu kuwo ngoba sithi asifuni ukuthatha amaphuzu amahlanu, ekugcineni kwakho konke kumele iqembu lihlale likulindele ukubhekana nosondonzima,” kuqhuba uDaniel.
Kuzowasiza amaSharks ukuthi adlala lo mdlalo ntambama eminye imiphumela azobe eseyibonile nokuyinto okulindeleke ukuthi iwehlisele ingcindezi.
Ngenhloso yokugcwalisa inkundla ngoMgqibelo, amathikithi omdlalo wamaSharks namaCheetahs azodayisa u-R90 emabili nokuyisaphulelo esiyingxenye semali ejwalekile.
UDaniel benomqeqeshi uJohn Plumtree banxuse abalandeli bamaSharks ukuba baphume ngobuningi babo ngoMgqibelo bezokweseka iqembu labo kulo mdlalo obalulekile.
Imidlalo yeSuper Rugby ngempelasonto:
Kusasa:
Hurricanes v Chiefs (Westpac Stadium, 9.35am),
NgoMgqibelo:
Brumbies v Blues (Canberra Stadium, 7.30am), Crusaders v Force (AMI Stadium, 9.35am), Reds v Waratahs (Suncrop Stadium, 11.40am), Stormers v Rebels (Newlands Stadium, 3pm), Blue Bulls v Lions (Loftus Versfeld, 7.10pm)