Ngentengo enhle i-optima ingakwanelisa

Comment on this story
no tiba1 ISOLEZWE IZIMOTO zakwa Kia ziphuma nezinto eziningi ongeke wazithola kwezinye izimoto njenge Bluetooth connection, kanti muva nje sezitholakala namalambu ohlobo lwe xenon.

IMOTO: Kia Optima

INANI: R305 995

NGESONTO eledlule kule ngosi sikubikele ngeKia Soul njengoba kungakapheli nesonto sesikubikela nge Kia Optima. Kumele ngikusho ukuthi awukho umkhankaso wokuphusha lezi zimoto, kodwa inkampani yakwa Kia iyona engazibekile phansi efaka ngazo zonke izindlela emakethe izimoto zayo. I-Optima ingenye yezimoto zale nkampani ejikisa amehlo kuze kube buhlungu imiqala kubantu uma beyibona idlula ngendlela.

Le moto sisanda kuthola ithuba lokuyivivinya isibili njengoba beqonde ukuyifaka ngesiphanga emakethe. I-Optima iphuma nenjini engu 2.4 litre edonsa ngamagiya ayisithupha ezishintshayo. Zonke izinjini zisebenzisa upetrol. Le njini ikunika amandla afinyelela ku 132kW kanye ne torque engu 231Nm. Ijubane layo eliphezulu ligcina ku 210 km/h engibone kuyinto elula ukuthi ufinyelele kuyo ngenxa yokuthi iyazishibilikela emgwaqeni.

Uma usayibukela kude uzitshela ukuthi ngenye nje yezimoto ezijwayelekile ezingama sedan, kodwa uma usungaphakathi uwuzwa kahle umehluko.

Ugearbox wakhona akuwona nje ojwayelekile ngenxa yezinto abazengezile njenge superior packaging ne dimension.

no tiba Kwa-Kia bathi bazimisele ngokwakha izimoto ezizofeza izidingo zamakhasimende abo futhi abantu abazokwazi ukumelana nezindleko zazo. ISOLEZWE

Ngaphandle ithi ayibe ingungumbane (Coupe) kanye nokhakhayi lwayo olune sunroof evuleka ize iyoshaya emuva.

Le sunroof ibiza R10 000 ngaphezu kwenani le moto, kanti kwa Kia bathemba ukuthi baningi abantu abazoyithanda ngoba yengeza ubuhle kule moto.

Ngemuva u-exhaust bawugqize nge chrome, yase iba ne khamera esibukweni esiphezulu esiza umshayeli uma ehlehla.

Kuthatha isikhashana ukuba uzijwayele izihlalo zayo ezigqize ngendwangu nokusasikhumba okuphinde kubonakale nasezihlalweni. Izihlalo zayo ngizizwe ziwugqinsana kancane.

Ingaphambili layo balenze laba yihaba wena owazi iCitroed DS5. Bavele balixina nge chrome kuhle kwezimoto zabafana base Phoenix.

Le Optima sekungeyesizukulwane sesithathu kanti babonakala bewenze ngendlela umsebenzi wabo kwa Kia. Izimoto encintisana nazo iHyundai Sonata, Suzuki Kizashi, Mazda 6,VW Passat. Uma ubhekisisa kahle inani le-Optima nezinto ezitholakala kuyo lingaphansi kakhulu uma uqhathanisa nezimbangi zayo.

no optt1 ISOLEZWE

sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.