Ngethuka kuqhuma isibhamu: ufakazi

Comment on this story

INTATHELI YESOLEZWE

Owesilisa owalahlwa yicala lokubulala uNkk Anni Dewani uthi wethuka ngesikhathi ezwa ukuqhuma kwesibhamu ngesikhathi asolwa naye edubula uNkk Dewani. INkantolo eNkulu yaseWestern Cape izwe lobu bufakazi izolo.

“Ngangingalindele ukuthi kungase kuqhume isibhamu. Yilapho engathuka khona ngamisa imoto,” kusho uMziwamadoda Qwabe.

UQwabe ubethula ubufakazi ecaleni elibhekene noXolile Mngeni owaliphika icala lokuthumba, ukuphanga esebenzisa isihluku, ukubulala nokuphatha isibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.

UNkkk Dewani wabulawa esigamekweni okwahuhloswe ukuthi sibukeke sengathi kwakudunwa imoto eGugulethu ngoNovemba 13, 2010, yena nomyeni wakhe, uMnuz Shrien Dewani, bevakashele eCape Town.

UQwabe utshele inkantolo ukuthi isibhamu saqhunyiswa emgwaqweni uMew Way ophakathi kwemijondolo yaseNdlovini neHarare.

Babeshayela sebegoduka bebheke kwa-C eKhayelitsha lapho behlala khona.

Ummeli kaMngeni, uQalisile Dayimani, uthe nakanjani la madoda kukhona akubhunga mayelana nokuthi kuzodutshulwa umgibeli wesifazane ngesikhathi “kuthunjwa” leyo moto.

Kulokho okushiwo ngummeli, uQwabe uphikile wathi kungakho ethuka uma sekuqhuma isibhamu ngoba babengakhulumanga lutho ngokudubula umuntu.

UQwabe uthe mhlawumbe uMngeni wabona ukuthi sengathi sebesondele ekhaya washaywa wuvalo.

Uyise kaNkk Dewani, uMnuz Vinod Hindocha, nomzala kamufi uNishma, bavele baphuma enkantolo ngesikhathi kufakaza uQwabe.

Icala liyaqhubeka.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.