.
KUSUKA kwesokunxele umqeqeshi omusha weKaizer Chiefs uStuart Baxter, Siboniso Pa Gaxa, Siyabonga Doctor Nkosi, Kgotso Moleko, Sakhile Hlongwa noJessica Motaung oyiBrand Manager yeChiefs. Lapha bekwethulwa ngokusemthethweni abadlali abasha baMakhosi nomqeqeshi eGoli, izolo. Isithombe: BACPAGEPIX
MBONGISENI BUTHELEZI
UZIKHALELE ngokuthi ucela babekezelelwe futhi banikwe ithuba bona njengabaqeqeshi nabadlali beKaizer Chiefs, umqeqeshi omusha uStuart Baxter.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba eGoli uBaxter uthe uwazi kahle umsebenzi obahlalele futhi yinto ayiqondayo ukuthi iChiefs iyiqembu elikhulu nelihlonishwayo e-Afrika hhayi kuleli kuphela.
“Mina nabasizi bami nabadlali kufanele sazi ukuthi kusho ukuthini ukugqoka ijezi laleli qembu elingelinye lamakhulukazi lapha ekhaya. Siyazi ukuthi kufanele sisebenze kanzima futhi ndawonye ukuze sikwazi ukuphumelela njengeqembu,” kusho uBaxter.
“Into ebalulekile ukwakhela phezu kwesisekelo esiqinile sinikeze isiqiniseko sokuthi iqembu libuyela ekuwineni imidlalo yalo. Ngicela ukuthi sibekezelelwe. Ngiyazi ukuthi abalandeli balindele lukhulu kuthina, engingakusho ukuthi sizozama ukuthi sishintshe iqembu kulesi simo ebelikuso bese siba yiqembu leli abantu abalaziyo eliwina izindebe.”
Uthe akumkhathazi ukuthi angazisayineli abadlali abafunayo njengoba yena efike iningi labadlali sebekhona.
“Akungethusi lokho ngoba nase-Europe kuyenzeka. Bakuthengela abadlali ngoba basuke bebheke ekhukhwini labo ukuthi kunamalini. Uma kunjalo wena njengomqeqeshi kufanele usebenzele phezu kwalokhu okukhona. Angithandi ukuthi ngikhulume ngokuthi abadlali bahle noma banjani, ngizobona ngemuva kwezinyanga ezimbili. Abantu uma iqembu liwina kuthiwa abadlali benza kahle kanti uma lenza kabi kukhalwa ngomqeqeshi,” kuqhuba uBaxter.
Uvumile ukuthi akazi kakhulu ngeqembu ngoba ulibone lidlala emidlalweni yokugcina ngesizini edlule.
“Ngibone imidlalo emibili nje kuphela isizini isiyophela. Ukulibheka ukude iqembu akufani noma usulilolonga. Sengikulungele ukusebenza nabadlali kanye nabasizi bami senze abalandeli bethu bajabule,” kusho yena.
Mayelana nesicoco seligi eyagcina ukunqotshwa yileli qembu ngo-2004/2005 ngaphansi kukaTed Dumitru, uthe akulula ukuthi avele athi uzoyiwina.
“Kumele sizibophezele ngempela sonke, kubonakale inqubekela phambili. Yilapho-ke sesingakhuluma ngesicoco seligi,” kubeka uBaxter.
Uthe uyazi ngokubaluleka komdlalo wabo ne-Orlando Pirates njengomqeqeshi njengoba bezoqala badlale iBlack Label Cup ngoJulayi 28.
“Ngicabanga ukuthi lowo mdlalo ngizowuthatha njengeyokulungiselela isizini. Ngiyethemba nabalandeli bethu ngeke balindele lukhulu ngomdlalo wokuqala. Engingakusho ukuthi siyoya lapho siyodlalela ukuthi sinqobe, siqale kahle isizini,” kuphetha uBaxter.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services