Ngifuna ukudlala koweCarling – Tau

Comment on this story
no jimil tau Gallo Images OWAYENGUKAPUTENI weKaizer Chiefs, uJimmy Tau, uthi ufuna ukudlala nakanjani ume sebebhekene ne-Orlando Pirates kuCarling Black Label Cup eSoccer City ngoJulayi 28. Isithombe: GALLO IMAGES

SIHLE NDLOVU

KUBALANDELI bamanye amaqembu ukufika kwabadlali abafana noMorgan “Mr Reliable” Gould, Eric “Tower” Mathoho, noSiboniso “Pa” Gaxa bekungasho ukukhohlwa nya wumdlali onjengoJimmy Tau oke wehlelwa yifomu wenza namaphutha adlise iqembu.

Nokho abalandeli beKaizer Chiefs bakhombisa ukumthanda kakhulu lo mdlali oke waba ngukaputeni waMakhosi isikhathi eside ngaphambi kokuthi ibhande lithathwe ngu-Itumeleng Khune, ongunozinti.

Lokhu sekuhlale obala kuhle kwayo impahla yembuzi uma kubhekwa amavoti eCarling Black Label Cup ezodlalwa yiChiefs ne-Orlando Pirates eSoccer City ngoJulayi 28. UTau uhamba yedwa kubadlali basemuva abavotelwa ngabalandeli baMakhosi njengoba silobe izolo esenamavoti angu-505 546. Ulandelwa uGould (298 861), Jimmy Jambo (278 426), Gaxa (244 216) noTefu Mashamaite (229 815).

Ngaphandle kokubuye abe nyamanambana kubalendeli beChiefs uTau uke wehlelwa yifomu kumasizini edlule waphinde waba nezinkinga zasekhaya, ikakhulukazi ngesikhathi kushone unina.

Lo mdlali uthe imhlaba umxhwele indlela abakhombisa ukumthanda nokumethemba ngayo abalandeli beChiefs futhi imnika ukuzethemba okukhulu njengoba kuzoqala isizini ka-2012/2013 ye-Absa Premiership.

“Izolo bengibuka amavoti eCarling Cup ngathinteka kakhulu enhliziyweni yami ukubona ukuthi abalandeli bangethembe kangaka. Ngifuna ukwenza konke okusemandleni ukubakhombisa ukuthi kungijabulisa kanjani ukungithanda kwabo. Ngizimisele ngokwenza lokho abakulindele kimi njengomdlali,” kusho uTau.

“Ngiyilokhu engiyikho ngenxa yokungeseka kwabo. Ukubona bekulangazelele kanje ukungibona ngisenkundleni sekwenze ngayibheka ngabomvu isizini ezoqala.”

Lo mdlali uvotelwa kangaka nje kuphele isizini elimele kanti kuke kwavela ukuthi uzohlala izinyanga ezintathu kuya kwezine engalithinti ibhola.

Kodwa izolo uzwakale ewubheke ngabomvu umdlalo weCarling Cup ngoJulayi 28 washo nokusho ukuthi uzibona ephakathi enkundleni ngalolu suku ejabulisa abalandeli abamthandayo.

“Ngiyaziqeqesha neqembu kancane ngiphinde ngiqhubeke ngedwa eceleni. Isimo sami siyethembisa kakhulu futhi maningi amathuba okuthi ngidlale ngoJulayi 28. Uma kunesidingo sokuthi ngidlale ngixhuga ngingakwenza lokho ukuze ngibonge bonke laba bantu abangivotelayo. Ingithinta kakhulu le ndaba yabalandeli beCheifs,” kubeka uTau.

Uthe unethemba elikhulu lokuthi isizini ezoqala izoba yinhle yenze bakhohlwe ngeyedlule ebhimbe kakhulu kubona.

“Ngizoqala ngokwamukela abadlali abasha ngiphinde ngibonge laba abakhona ngokuyibamba ishisa kukubi. Ngiyibona izoba ngehluke kakhuluu isizini entsha uma ubheka abadlali esizobe sesihlome ngabo,” kuphetha uTau.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.