MLUNGISI GUMEDE
UMHOLI we-DA KwaZulu-Natal uMnuz Zwakele Mncwango usezwakalise ukukhathazeka ngemibhikisho eqhubeka esifundazweni.
UMncwango (osesithombeni) uthe i-ANC kumele izinuke amakhwapha ngale mibhikisho.
Engxoxweni ne Solezwe ngoLwesithathu, uMncwango uthe kumphethe kabi ukuthi ubuholi be-ANC esifundazweni bubonakala sengathi buyahluleka ukuxazulula le nkinga egcina isiholela ekulinyazweni kwengqalasizinda.
“Njalo uma uvuka ekuseni kusuke kukhona lapho kusha khona, umphakathi ushisa amathayi, kucekelwa phansi ingqalasizinda. Izikhathi eziningi kukhalwa ngabantu abasuke beqokelwe kwesobukhansela, okuyizinkinga ze-ANC,” kusho uMncwango.
Uthe koMandeni kushiswe amafemu umphakathi ukhala ngomuntu oqokelwe kwesobukhansela ongamfuni.
“Ziningi nezinye izindawo okucekelwe phansi kuzo ingqalasizinda kubalwa eFolweni, Dukuza naseMzumbe, manje kushubile eKokstad khona kukhalwa ngeMeya ye-ANC nePhini layo.”
Uthe ngeke baze bathule beyiqembu eliphikisayo bebona konakala. Uthe le mibhikisho ihlukumeza abantu abahluphekayo abagcina bengasakwazi ukuya emsebenzini nasezikoleni.
UMncwango uthe ufisa ukwazi ukuthi uSihlalo uMnuz Sihle Zikalala noNobhala uMnuz Super Zuma bathule bathini kunje.
“Lo mlilo osha lapha KwaZulu-Natal ngeke uze uqedwe amaphoyisa nezicishamlilo kodwa i-ANC uqobo lwayo engawucisha,” usho kanje.
Uthe uZikalala noZuma kumele bazehlise beze kuyena abanike izeluleko.
“Njengoba sekucacile ukuthi imibhikisho eminingi igqugquzelwa wukungezwani okukhona kwi-ANC, ubuholi kumele buhlanganise izinhlaka ezibangayo, zibuzwe ukuthi zibangani, kuxoxwe bese kuyiwa emagatsheni atshelwe ukuthi inhlangano isibumbene. Le nto yemibhikisho ifana nemvukuzane efike ivukuze lapha uyigade khona bese ivukuza kwenye indawo,” kusho uMncwango.
Uphinde wagxeka ezobuNhloli wathi zinesandla ekucekelweni kwempahla.
“Bheka nje eVuwani kuze kwashiswa izikole ezingaphezu kuka-20 kodwa sithi sinezobuNhloli,” usho kanje.
IPhini likaNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mluleki Ndobe lithe okokuqala akusilo iqiniso ukuthi akukho abakwenzayo. Uthe ubona le kuyimizamo ye-DA yokuthola amaphoyinti epolitiki.
“Uzokhu-mbula ukuthi ngesikhathi kunenkinga eMandeni ubuholi besifunda busukumile kwabonakala ukuthi inkinga ingaphezu kwamandla aso isifunda kwangenelela isifundazwe isimo sabuyelwa kwesejwayelekile. Uma ubheka eKokstad abantu bakhala ngokugqoza kwezidingo okungesiyo inkinga yangaphakathi kwi-ANC,” kusho uNdobe.
Uthe bacabanga ukuthi lezi zivunguvungu zibhebhethekiswa ukuthi kuyiwa okhethweni ngo-Agasti nokuthi kunabantu abathile abanganeme abasebenzisa imiphakathi ukufeza izinhloso zabo.