UYAZIFELA ngesihlabani somgijimi wesifazane saseNingizimu Afrika, uCaster Semenya, nesibabuli somsubathi waseJamaica, u-Usain Bolt, umfundi omncane waseVictory Christian Academy, u-Andiswa Mthethwa, ogila izimanga kwezokusubatha.
U-Andiswa (11), ofunda u-Grade 5, eLa Lucia, ugijima aze ashiye isithunzi ku-100m.Usanda kuklonyeliswa ngomklomelo ngeJunior Victrix Ludorum esikoleni – umklomelo onikwa abafundi abavelele kwezemidlalo.
Akagcini ngokugijima kuphela kodwa wenza neLong Jump neShot Put. Yikho lokhu okwenze waqokwa ku SuperSport Let’s Play Star of the Month ngo-Agasti. Evakashelwe esikoleni sakhe uveze uthando analo ngezihlabani zabasubathi. “Abantu engibukela kubo nguCaster noBolt. Into engiyithanda ngabo wukuzethemba kwabo. Bengibabuka ngesikhathi kunemidlalo yama-Olympic Games (esongwe eRio de Janeiro, eBrazil, ngenyanga edlule).”
USemenya ugile izimanga kuma-Olympic ekhala emuka nendondo yegolide ku-800m. Kuthe kusabatshazwa lokho waphinde wadla ubhedu ochungechungeni lwemijaho yeDiamond League.
UBolt yena wenze into yamehlo ehlabana ngegolide ku-100m, 200m nakwi-4x100m Relay neqembu lakhe lesizwe laseJamaica.
U-Andiswa utholwe esikoleni enabazali bakhe uHlengiwe noMsizi Mthethwa. “Mina angiyena umuntu wezemidlalo. Umuntu othanda kakhulu ezemidlalo ngubaba wakhe kodwa ngaso sonke isikhathi uma egijima ngibakhona ukuzomeseka,” kusho unina.
“Ngikhule ngizithanda kakhulu ezemidlalo. Ngenxa yezimo ezithize umuntu ugcine engakwazanga ukuqhubekela phambili nezemidlalo kodwa u-Andiswa ngiyabona ukuthi uzoqhubeka lapho ngangigcine khona," kusho uyise.
"Isifiso sami wukuthi agijime ezingeni lomhlaba eminyakeni ezayo ngoba uyayithanda into ayenzayo. Inkinga nje wukuthi akanaye umqeqeshi. Uziqeqeshelwa yimina nje ngolwazi enginalo kwezemidlalo. Ikusasa lakhe liqhakazile futhi usazokwenza izinto ezinkulu. Nasesikoleni ungumuntu ozishibilikelayo. Uma esekhaya ngezimpela-sonto wenza i-surfing. Uma engabhukudi siya naye ebhishi siyoshova ibhayisikili.”